Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 I-IFPYB KZN inxusa uNtuli angenelele kolwesiteleka samatekisi

I-IFPYB KZN inxusa uNtuli angenelele kolwesiteleka samatekisi

by | 4 December 2024

UMNU Mncedisi Maphisa

LUCKY CAIN

UPHIKO lwentsha lwe-IFP (Youth Brigade) KwaZulu Natal selizwakalise ukukhathazeka ngokuqhubeka kwesiteleka samatekisi ahamba amabanga amade esifundazweni esesingena osukwini lwesihlanu.

Lesi siteleka esiqale ngoLwesihlanu olwedlule sesidale okukhulu ukuphazamiseka kubagibeli, osomabhizinisi nasemphakathini jikelele.

I-IFPYB izwakalise ukukhathazeka ngaso njengoba sesikhubaza nomnotho wesifundazwe.

Leli qembu labantu abasha liphinde laveza ukuthi okukhathaza kakhulu ngalesi siteleka wukuthi siphazamisa nabafundi bezikhungo zemfundo ephakeme njengoba sekuyisikhathi sokuthi bagoduke kwazise iningi labo lihlala kude nasemakhaya kanti nezindawo zokuhlala abafundi ziyavalwa.

USihlalo walolu phiko uMnu Mncedisi Maphisa uthe lesi siteleka sibeka impilo yalaba bafundi engcupheni njengoba abanye babo bengazi ukuthi bazoqubaphi njengoba bengasenaso izindawo zokuhlala.

UMaphisa uthe imboni yamatekisi esola uMnyango wezokuThutha ngokugcina izimvume zayo zokusebenza kumele ibonisane nohulumeni ngendlela efanele ukuze kube nesixazululo.

Uqhube ngokuthi nawo umnyango kumele ucacise konke kuhlale obala ukuze izinkinga ezikhona zixazululeke ngokushesha.

“Sinxusa uMhlonishwa uNdunankulu uMnu Thami Ntuli ukuba angenelele ngokushesha ukuze kuqhamuke isixazululo ngalesi siteleka,” kusho uMaphisa.

Uveze ukuthi undunankulu wesifundazwe useke wabubonakalisa ubuholi bakhe obuqotho ukuxazulula ezinye izinkkinga ebezikhungethe isifundazwe.

“Sinxusa ukuba aqhubeke nokukhombisa ubuholi bakhe nakusona lesi siteleka ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe iKwaZulu Natal sibuyela esimweni njengoba sekuyisikhathi samaholidi okuphela konyaka,” esho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...