Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uvelile enkantolo oxabane noyise wengane, waziqopha eyiklinya

Uvelile enkantolo oxabane noyise wengane, waziqopha eyiklinya

by | 24 January 2025

USHAQWE ngamaphoyisa, wavela eNkantolo yeMantshi eNsuze owesifazane (21), waseNgcongangconga, eNdwedwe, osolwa ngokuzama ukubulala ingane yakhe enonyaka ngokuyiklinya, ngoba edinwe wukuthi uyise wayo wenqabe ukumnika imali yokuyihambisa emtholampilo.

Kubikwa ukuthi uNkz Minenhle Nxumalo, obhekene necala lokuzama ukubulala ingane yakhe, uziqophe i-video ngesikhathi eyiklinya, ezama ukuyibulala, maqede wayithumelela kuyise wayo.

Kuthiwa umsolwa wenze lokhu kulandela ingxabano noyise wengane kubangwa indaba yemali yokuyihambisa emtholampilo ngeledlule.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi kusize ukuthi uyise wengane axhumane nosonhlalakahle, okugcine kuholele ekutheni aboshwe umsolwa.

ILANGA liyibonile le video ekhombisa umsolwa eklinya ingane. Iyabonakala ingane ikhala, izwi lingaphumi kahle.

Umthombo uhlebele leli phephandaba ukuthi indaba iqale ngokuthi umsolwa afune imali yokuyisa ingane emtholampilo, oqhelile nalapho behlala khona, yize ukhona oseduze ebijwayele ukuya kuwo.

“Kube sekuqubuka ingxabano phakathi kwabo bobabili, kubangwa indaba yokuthi kungani efuna ukuhambisa ingane endaweni ekude ekubeni ikhona eseduze.

“Kuhambe isikhathi kwathi ngezithuba zantambama, uyise wengane wathola umqhafazo uvela kumsolwa, emtshela ukuthi uyayibulala ingane yabo njengoba enqabe ukumnika imali.

“Umqhafazo ube usulandelwa yi-video ayiqophe eklinya ingane. Uyise wengane ube esephuthuma kubo kamsolwa eyobheka ingane, wayifica ikhona, kodwa umsolwa engasabonwa.

“Uyithathile wayishiya ezihlotsheni, wabe eseyobikela osonhlalakahle ngalesi sigameko. “Osonhlalakahle babe sebenikela emaphoyiseni noyise wengane, kwavulwa necala,” kusho umthombo.

Uthi kube sekunikelwa kubo kamsolwa bafika engekho, waze watholakala oThongathi, zamkhalela. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuboshwa kowesifazane ngecala lokuzama ukubulala.

skhom@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...