
UNGQONGQOSHE weMali, uMnu Enoch Godongwana umemezele ukwehla kukaphethiloli okwesikhashana ngesikhathi ethula isabelo mali sehlandla lesibili. Uthe uphethiloli uzokwehla ngo-R1.50 ilitha kuthi udizili wehle ngo-R3.00 ilitha kusuka ngomhlaka 4 kuLwezi (November) kuya kumhlaka 1 kuZibandlela (December) nonyaka. Lokhu kwehla kuzoqhubeka emuva komhlaka 1 kuZibandlela ngokuthi uphethgiloli wehle ngo-R1.00 kuthi udizili wehle ngo-R1.50 kuze kube umhlaka 5 kuMasingana (January) 2027. Ukwehla kukaphethiloli kungenxa yemali engu-R10 billion efakwe ngenhloso yokwehlisa umthwalo kwabakhahlanyezwe ukunyuka kwawo. Imali efakwe ukwehlisa umthwalo kaphethiloli itholakale emalini esale kwisabelo mali sika-2025/ 2026. Lokhu kwenziwe ngenhloso yokuthi kwehliswe izindleko zokuphila.
Uthe iNingizimu Afrika ikwazile ukusingatha kahle imali. Uthe ngokwesabelo mali sokuqala sangoNhlolanja (February) nonyaka bekubukeka sengathi izonyuka intengo yemali kodwa kunalokho yehla. Uthe intengo ibukeka yehla iya ku-3.9% kuno-4% obulindelwe kuze kube uNdasa (March) wonyaka ozayo. Ngokwesabelo mali sikaNhlolanja bekulindeleke ukuthi umgcinisikhwama aqoqe imali eningi elinganiselwa kwintela ebingeqa ngo-R17.1 billion kodwa okugcine kungenzekanga.
Isabelomali sikaGodongwana sibukeka siza kahle kusuka ngo-2021 emuva kokuthatha kwakhe njengongqongqoshe wemali. Indlela okubukeka kuza kahle ngayo abantu bazokwazi ukuboleka imali engafinyelela ku-R443.2 billion kunyaka wemali u-2026/2027, uma kubhekwa ku-R380 billion obekuvele ukuthi abantu bangagcina kuwona kade kwethulwa isabelomali sokuqala.
tndlovu@ilanganews.co.za







