Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Wethembisa ukuvuseleleka komphefumulo emcimbini ozoba seThekwini

Wethembisa ukuvuseleleka komphefumulo emcimbini ozoba seThekwini

by | 30 July 2026

WETHEMBISA imvuselelo enkulu uBrenda Mtambo emcimbini wakhe obizwa ngaMahubo kaGogo ozoba se-The Playhouse, eThekwini mhla ka 15 August. Le ntokazi engadinge kwethulwa emculweni we-gospel kwazise yazakhela igama kuwona ngezikhathi icula kwiJoyous Celebration ilandisa ngalo mcimbi iqoke amahubo kagogo wayo ngenhloso yokuzelapha.

“Ngesikhathi ngicula lamahubo ngangikade ngidlula esikhathini lapho ngangilahlekelwe khona wugogo wami okunguye ongikhulisile – bekuyisikhathi esinzima kakhulu empilweni yami. Njalo uma kufika umuzwa wokumkhumbula bengimane ngicule amahubo ayewakhonzile, lokhu bekungiduduza kulethe nethemba kimina,” esho.


UBrenda uthi akuqaphelile wukuthi lamahubo abengalethi ukududuzeka kuyena kuphela kepha nabanye bebethinteka lapho ewahuba. “Lezi yizingoma esikhule ngazo, ezisikhumbuza ukuthi sivelaphi futhi ezisithwalile njengemindeni. Yizo futhi lezingoma ezizokwazi ukuthwala isizukulwane esizayo zisinike ithemba. Kimina bengithi mangizicula zingelaphe futhi ngimuzwe nogogo ehamba nami ngokomoya,” esho.


Uthi ngesikhathi ezicula ubekade engaziqophile kepha ubezicula uma ngabe esemcimbini. “Kepha ngihambe ngabona ukuthi abantu bayazidinga ngaziqopha futhi nabo bezicela. Engikubonile wukuthi wonke umuntu lapho elalele lezingoma ufikelwa yilomuzwa nami ongifikelayo. Lamahubo ayindlela yokuphindela kumculo wokholo esikhule ngawo,” esho.

UBrenda waziwa ngamanoni esingabala kuwo athi: Ungenzela Konke Okuhle, Ixesha Lami, Themba Njalo, I Love You nethi uMhlaba Wethu.
Emcimbini wakhe ozoba mhla ka 15 August uthi uzocula nezingoma ezintsha ezikwi-album yakhe aseqedile ukuyiqopha esihloko sithi Hymns and Testimony. “Umuntu owazi uBrenda ecula i-gospel uzomthola kule show futhi ezwe nezingoma ezintsha. Ngiza nemvuselelo enkulu eThekwini, bazobhema bakholwe, sizodumisa futhi siphole ndawonye,” kuphetha uBrenda. USneziey Msomi uzobe eyingxenye yalo mcimbi naye.

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...