Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhalwa ngenkosi ebeka izinduna ezingafunwa ngumphakathi

Kukhalwa ngenkosi ebeka izinduna ezingafunwa ngumphakathi

by | 23 May 2025

AYAVUTHA amalungu omphakathi waKwaNomo, eGibsongate, KwaMafunze, ngaphansi kukaMasipala waseMsunduzi, ngenkosi “ebafunza” izinduna ezingafunwa. INkosi uMaviyo Ngcobo, kuthiwa ilethe emphakathini ikhansela liku-Ward 6 eMsunduzi, uMnu Bukelani Zuma, elisolwa ukwehluleka wukwenza umsebenzi, wathi sekuyilona elizoba yinduna yesigodi saKwaNomo.


Isibe mibili imihlangano, yokukhetha induna yesigodi saKwaNoma, ephela sekuthukwana, kusongelwana. Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa, lithe bafika bakhetha uMnu Kwazi Nxele, ukuthi abe yinduna yesigodi, wavotelwa ngabantu abaningi, kodwa inkosi yamchitha.


“Inkinga iqale lapho sesihambisa igama lakhe, uNxele, kumabhalane wenkosi, ukuthi aledlulisele kuyona iNkosi.
INkosi, ithe ayimamukeli uNxele, ifuna uMnu Bukelani Zuma, ukuthi kube nguyena induna. Lo muntu inkosi emqoka njengenduna, uyikhansela ku ward 6, ayikho nhlobo intuthuko kule ward, iyihlazo. Useyabona ukuthi umsebenzi wobukhansela umehlulile, uyaphuma ngonyaka ozayo, usehlangana nenkosi usenziwa induna yesigodi. Nangokomthetho wakwaCOGTA, akekho umuntu ongaba yinduna ekubeni yikhansela ngoba izinduna seziyahola.


“Kwashona induna uMlawuzi lapha KwaNoma, njengoba sesikhethe uNxele obesebenza kakhulu nenduna eshonile. Sizobhelela uNgqongqoshe wakwaCOGTA siyobika indlela inkosi esiphethe ngayo lapha esizweni,” kusho ilungu lomphakathi.
Ibuzwa iNkosi uNgcobo ngalezi zinsolo ivele yabhoka ngolaka.


“Laba bantu abakhuluma lezo zinto badlala ipolitiki. UZuma, wakhethwa ngo-elethu, evotelwa ngumphakathi. Ngesikhathi ezokwethulwa kimi njengenkosi ephethe isizwe, ngameluleka ukuba akayeke ukuba yikhansela, nangempela wavuma, wathi amakhansela ayakhethwa ngemuva kweminyaka emihlanu, kodwa izinduna zisebenzela isizwe. Into exakayo ukuthi abantu ababegaqele lesi sikhundla sobuduna, abehlulwa nguZuma okhethweni, abakaze kakhulume, bathula isikhathi eside. Manje njengoba sebekhala, aphi amagalelo nemisebenzi abayenzele isizwe angayikhomba, ngoba ekaZuma siyayazi singayikhomba.

Mina ngisamile njengenkosi yesizwe saKwaMafunze, ngithi uMnu. Bukelani Zuma nguyena induna yesigodi saKwaNomo.
INkosi yaKwaMafunze, ayiqali ukusolwa ngokuqokela umphakathi izinduna ongazifuni. Ekuqaleni kwalo nyaka, umphakathi wesigodi sakwaDeda, khona KwaMafunze, wakhipha uMnu. Thembelani Ngubane, owayeseqokwe yinkosi ukuthi abe yinduna yesigodi. Emhlanganweni owawukwaQanda Primary School, umphakathi waKwaDeda, waketha uMnu. Mzokhona Nxele, ukuthi abe yinduna yesigodi.


INkosi uma isinikezwa igama likaNxele ayizange ilamukele, yathi yona yazi uNgubane eyinduna. UMnu Mzokhona Nxele uthi umphakathi wamamukela njengenduna.


“UMnyango wakwaCOGTA, wathi ufuna amaminithi engakhethwa kuwo njengenduna, sabanika. Uma sesiya koNkosi, inkosi iyasiphika mina nekomidi engakhethwa nalo, ithi ayisazi. Abantu inkosi abakhethela ezikhundleni zobuduna, yizihlobo zayo njengoNgubane nabangani bayo njengalo ikhnasela uZuma, ngeke kube nenqubekela phambili KwaMafunze uma inkosi isasiphethe kanje,” kusho uNxele. Ucingo lwekhansela uZuma belukhala lungabanjwa muntu.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...