Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bakhathazekile ngokungaphephi kwabo abashayeli bama-Uber

Bakhathazekile ngokungaphephi kwabo abashayeli bama-Uber

by | 28 August 2025

INHLANGANO yabashayeli bama-Uber (e-hailing) KwaZulu-Natal (KZN E-Hailing Council) ithi ikhathazekile ngokungaphephi kwempilo yabashayeli bayo, ngemuva kokuba ababili babo besinde behlaselwa izolo ngoLwesithathu eClermont, eThekwini.

Ngokusho kukaMnu Sipho Mabika, okhulumela le nhlangano, omunye wabashayeli babo ubelinde ikilayenti, ngesikhathi kuza othile kuyena “osebenza embonini yamakhumbi”, emtshela ukuthi makahambe. Uthi emuva kwalokho uzwe sekuqhuma isibhamu, imoto abehamba ngayo isidutshulwa.

Omunye umshayeli wabo kuthiwa uhlaseliwe, washaywa. I-KZN E-Hailing Council ithi ifuna uhulumeni ungenelele ngokushesha.

“Bobabili abashayeli bahlaselwe bezesimotweni zabo, bobabili baphuthunyiswe esibhedlela. Siwavulile amacala emaphoyiseni, sifuna baboshwe abantu abenze lokhu ngoba bayaziwa,” esho.

Kuyo le ndawo ngoNhlangulana (June) kuthunjwe umshayeli we-Uber, watholakala esebulewe.

Kwenzeka isigameko sayizolo nje, izwe lisathuthumele nge-video yokubulawa kukaMthokozisi Mvelase, wasoLundi, naye okuthiwa udutshulwe ngabamakhumbi, maqede isidumbu sakhe sangqongqiswa nemoto, ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iMaponya Mall, eSoweto, eGoli.

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...