Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bakhathazekile ngokungaphephi kwabo abashayeli bama-Uber

Bakhathazekile ngokungaphephi kwabo abashayeli bama-Uber

by | 28 August 2025

INHLANGANO yabashayeli bama-Uber (e-hailing) KwaZulu-Natal (KZN E-Hailing Council) ithi ikhathazekile ngokungaphephi kwempilo yabashayeli bayo, ngemuva kokuba ababili babo besinde behlaselwa izolo ngoLwesithathu eClermont, eThekwini.

Ngokusho kukaMnu Sipho Mabika, okhulumela le nhlangano, omunye wabashayeli babo ubelinde ikilayenti, ngesikhathi kuza othile kuyena “osebenza embonini yamakhumbi”, emtshela ukuthi makahambe. Uthi emuva kwalokho uzwe sekuqhuma isibhamu, imoto abehamba ngayo isidutshulwa.

Omunye umshayeli wabo kuthiwa uhlaseliwe, washaywa. I-KZN E-Hailing Council ithi ifuna uhulumeni ungenelele ngokushesha.

“Bobabili abashayeli bahlaselwe bezesimotweni zabo, bobabili baphuthunyiswe esibhedlela. Siwavulile amacala emaphoyiseni, sifuna baboshwe abantu abenze lokhu ngoba bayaziwa,” esho.

Kuyo le ndawo ngoNhlangulana (June) kuthunjwe umshayeli we-Uber, watholakala esebulewe.

Kwenzeka isigameko sayizolo nje, izwe lisathuthumele nge-video yokubulawa kukaMthokozisi Mvelase, wasoLundi, naye okuthiwa udutshulwe ngabamakhumbi, maqede isidumbu sakhe sangqongqiswa nemoto, ngaphandle kwenxanxathela yezitolo iMaponya Mall, eSoweto, eGoli.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...