Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-MKP ichitha eyokususwa esikhundleni kwemeya entsha uNgcobo eRichmond

I-MKP ichitha eyokususwa esikhundleni kwemeya entsha uNgcobo eRichmond

by | 20 November 2026

IQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MKP) seliphumele obala leseka imeya yaseRichmond, uMnu Reggie Ngcobo oyimeya yokuqala yaleli qembu esigcotshiwe ukuphatha umasipala.

Lokhu kuza emva kwezindaba ezike zasabalala zokuthi leli qembu lifuna ukumsusa esikhundleni uNgcobo. I-MKP  ithe lezi zindaba esezisabalele zingamampunge aziqhamuki eqenjini. Iqhube yathi uNgcobo uzoqhubeka abe yimeya yaseRichmond futhi ayishintshi kulokho.

Iveze ukuthi njengeqembu alimele uNgcobo, imeseka ngokugcwele ukuthi aqhubeke nokuba yimeya yalo masipala futhi wenza umsebenzi omuhle njengelungu leMKP.

Inxuse umphakathi namalungu eqembu ukuthi ayiqaphele imibiko yalolu hlobo futhi engaqinisekisiwe, ikakhulukazi njengoba iqembu limatasa nezingxoxo namanye amaqembu ngenhloso yokuphatha omasipala ngokubambisana.

Ligcizelele ukuthi abantu baseRichmond nabaseNingizimu Afrika libabeka phambili kuwona wonke umsebenzi eliwenzayo.

Lithe njengamanje alizimisele ukuphazanyiswa izinto ezingaqinisekisiwe njengoba lihlose ukubumba omasipala abanozinzo. Kwenzeka lokhu kuke kwasabalala izindaba zokuthi uMengameli Jacob Zuma wamxosha eqenjini uNgcobo nokushiye abantu bengazi kuzokwenzekani ngekusasa lakhe uma sekuvela izindaba zalolu hlobo eqeda ukufungiswa njengemeya.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthi ukuphepha kwabantu bakulesi sifundazwe akuzoncengwana ngakho njengoba benomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhamba ngokukhululeka. Lokhu ukusho namhlanje kwethulwa izinhlelo zokuphepha njengoba sekungena...

I-KZN ihamba phambili emacaleni okudlwengula-Amaphoyisa

I-KZN ihamba phambili emacaleni okudlwengula-Amaphoyisa

YIZE kunemibiko yokubulawa kwabantu abahlaselwa bendawonye baqothwe ngenhlamvu, ezindaweni ezehlukene,  kodwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia uthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu zehlandla lesibili uma kuqhathaniswa nesikhathi...