Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ithemba kuNdunankulu waseKZN ngomhlangano kaRamaphosa noTrump

Ithemba kuNdunankulu waseKZN ngomhlangano kaRamaphosa noTrump

by | 22 May 2025

NGUMNU Thami Ntuli. UMTHWEBULI NGU: NHLANHLA GUMEDE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli uzwakalise ukuba nethemba ngomhlangano kaMengameli waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa nowaseMelika uMnu Donald Trump ngokubuya koxhaso lwe-Pepfar lokusiza abantu abanesandulela ngculaza nalabo abanezifo ezithathelana ngokocansi.

UNtuli ubekhuluma emhlanganweni weProvincial Council on Aids obuseMayville, eThekwini izolo ngoLwesithathu lapho ebevula khona lo mhlangano obuhanjelwe ngongqongqoshe abahlukene, izimeya nezinhlaka ezahlukene. UNtuli uthe kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi isinqumo sikaTrump sokuhoxisa loluxhaso luka-R1.5 Billion ebelixhasa izinhlangano ezisebenza ngalezi zifo sazwela kakhulu njangoba sabe sihambisana nokulahleka kwamathuba emisebenzi.

Uveze ukuthi unethemba lokuthi lo mhlangano kaTrump noRamaphosa obuyizolo ngoLwesithathu uzovuna izithelo ezinhle futhi akuwona owokuqala nowokugcina. Uvumile ukuthi nebala isimo kasisihle neze esifundazweni njengoba sisephezulu isibalo sabantu abahaqekile futhi abangaphansi kohlelo lokuthola imishanguzo. Uqhube ngokuthi nakuba lesi sibalo siphezulu kodwa okunye okukhathazayo yisibalo salabo abahaqekile kodwa abangayidli imishanguzo nalabo asebehaqekile kodwa abangalihloleli leli gciwane. Undunankulu uvumile ukuthi mukhulu umqansa isifundazwe obhekene naso ngalesi sifo.

Nakuba eveze lokhu udalule ukuthi unethemba lokuthi bazokwazi ukuyibamba ishisa, balwe nokusabalala kwalesi sifo bagcine belifezile iphupho lokuqeda ngaso ngo-2030. UNtuli ukhuthaze amalungu nobuholi be-PCA ukuba bakubeke eceleni ukuklwebhana ngodaba lwezikhundla kodwa bagxile empini esemqoka ababhekene nayo yokuqhamuka nemikhankaso nezindlela zokulwa, ukuze bagcine benqobile. Izibalo zakamuva zisaqhubeka nokubeka iKwaZulu-Natal phambili ebantwini abahaqekile ngaleli gciwane nezifo ezisondelene nazo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...