Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amehlo athe njo kuDkt Ndlozi emuva kwenkulumo kaMalema

Amehlo athe njo kuDkt Ndlozi emuva kwenkulumo kaMalema

by | 7 November 2024

BHEKI NDLOVANA

AQUBULE ukuqagela amazwi kaMengameli we-EFF uMnu Julius Malema, emuva kokwesula kuka-Adv Dali Mpofu kuleli qembu.

UMpofu umemezele ukuthi usejoyina iMK Party eholwa ngowayengumengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.

Emuva kokusabalala kwale ndaba kaMpofu, uMalema ubhale enkundleni yokuxhumana kuX (Twitter) amazwi azwakala sakuthi kunabanye ababili abaquthisile kwi-EFF, abazokwesula, izinhliziyo zabo ezingasekho kuleli qembu. UMalema uqhube waveza ukuthi labo akhuluma ngabo “bacula kahle”.

Abaningi baqale ukuqagula ukuthi kungenzeka ukuba omunye walaba bantu abashiwo nguMalema nguDkt Mbuyiseni Ndlozi. UNdlozi uyaziwa ngokuba yigagu. Uvamile ukucula emibuthanweni yeqembu.

Omunye kwabaphawulile kuX ngalo mbhalo kaMalema nguSithale @SithaleKgaogelo, wathi: “Manje uDokotela Ndlozi ulinde ukubizwa ngegama noma?”.

Nakuba kwabaningi kusheshe kwagqama uNdlozi, kodwa akucaci kahle ukuthi owesibili kungaba ngubani. Abanye basole ukuthi kungenzeka kube nguMnu Carl Niehaus. Kuyaziwa ukuthi ngaphambi kokujoyina i-EFF uNiehaus ubenobudlelwano obuhle noZuma.

Nokho uNiehaus uphuthume waphendula embhalweni kaMalema, wathi: “…mina nje angiyi ndawo”.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...