Ilanga News
Home 9 Featured 9 Amehlo athe njo kuDkt Ndlozi emuva kwenkulumo kaMalema

Amehlo athe njo kuDkt Ndlozi emuva kwenkulumo kaMalema

by | 7 November 2024

BHEKI NDLOVANA

AQUBULE ukuqagela amazwi kaMengameli we-EFF uMnu Julius Malema, emuva kokwesula kuka-Adv Dali Mpofu kuleli qembu.

UMpofu umemezele ukuthi usejoyina iMK Party eholwa ngowayengumengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.

Emuva kokusabalala kwale ndaba kaMpofu, uMalema ubhale enkundleni yokuxhumana kuX (Twitter) amazwi azwakala sakuthi kunabanye ababili abaquthisile kwi-EFF, abazokwesula, izinhliziyo zabo ezingasekho kuleli qembu. UMalema uqhube waveza ukuthi labo akhuluma ngabo “bacula kahle”.

Abaningi baqale ukuqagula ukuthi kungenzeka ukuba omunye walaba bantu abashiwo nguMalema nguDkt Mbuyiseni Ndlozi. UNdlozi uyaziwa ngokuba yigagu. Uvamile ukucula emibuthanweni yeqembu.

Omunye kwabaphawulile kuX ngalo mbhalo kaMalema nguSithale @SithaleKgaogelo, wathi: “Manje uDokotela Ndlozi ulinde ukubizwa ngegama noma?”.

Nakuba kwabaningi kusheshe kwagqama uNdlozi, kodwa akucaci kahle ukuthi owesibili kungaba ngubani. Abanye basole ukuthi kungenzeka kube nguMnu Carl Niehaus. Kuyaziwa ukuthi ngaphambi kokujoyina i-EFF uNiehaus ubenobudlelwano obuhle noZuma.

Nokho uNiehaus uphuthume waphendula embhalweni kaMalema, wathi: “…mina nje angiyi ndawo”.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...