Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-NPA ithi iyaqhubeka nesicelo sokuchitha ukuhoxiswa kwamacala ka-Omotoso

I-NPA ithi iyaqhubeka nesicelo sokuchitha ukuhoxiswa kwamacala ka-Omotoso

by | 19 May 2025

INational Prosecuting Authority (NPA) ithi izoqhubeka nesicelo sayo sokuba kuchithwe isinqumo sokuhoxisa amacala abebhekene nomfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso, yize esehambile kuleli. 

Esitatimendeni, okhulumela iNPA uMnu Mthunzi Mhaga uthe akudingeki ukuthi abe khona ummangalelwa uma kulalelwa isicelo sokuphikisa ukuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo.

“Indlela okusebenza ngayo umthetho waseNingizimu Afrika, akuphoqi ukuthi abe khona siqu sakhe ummangalelwa. Umthetho uthi makube khona abameli bakammangalelwa nabakammangali, isikhonzi seNkantolo ePhakeme neseNkantolo eNkulu yokuBuyekezwa kwamaCala, nabehluleli (amajaji),” kusho isitatimende.

I-NPA ithi u-Omotoso okwamanje akayona iFugitive, okungumuntu obalekela umthetho wakuleli. Ithi ngaleyo ndlela kawukho umthetho obuphoqa ukuthi angavunyelwa ukuya kwelakubo uma efuna.

Ithi uma siphumelela isicelo sokuphikisa ukwesulwa kwamacala ka-Omotoso, bazobe sebekafa isicelo eNigeria, sokuba abuyiselwe kuleli (extradition) ezobhekana namacala athweswe wona. 

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...