Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-NPA ithi iyaqhubeka nesicelo sokuchitha ukuhoxiswa kwamacala ka-Omotoso

I-NPA ithi iyaqhubeka nesicelo sokuchitha ukuhoxiswa kwamacala ka-Omotoso

by | 19 May 2025

INational Prosecuting Authority (NPA) ithi izoqhubeka nesicelo sayo sokuba kuchithwe isinqumo sokuhoxisa amacala abebhekene nomfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso, yize esehambile kuleli. 

Esitatimendeni, okhulumela iNPA uMnu Mthunzi Mhaga uthe akudingeki ukuthi abe khona ummangalelwa uma kulalelwa isicelo sokuphikisa ukuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo.

“Indlela okusebenza ngayo umthetho waseNingizimu Afrika, akuphoqi ukuthi abe khona siqu sakhe ummangalelwa. Umthetho uthi makube khona abameli bakammangalelwa nabakammangali, isikhonzi seNkantolo ePhakeme neseNkantolo eNkulu yokuBuyekezwa kwamaCala, nabehluleli (amajaji),” kusho isitatimende.

I-NPA ithi u-Omotoso okwamanje akayona iFugitive, okungumuntu obalekela umthetho wakuleli. Ithi ngaleyo ndlela kawukho umthetho obuphoqa ukuthi angavunyelwa ukuya kwelakubo uma efuna.

Ithi uma siphumelela isicelo sokuphikisa ukwesulwa kwamacala ka-Omotoso, bazobe sebekafa isicelo eNigeria, sokuba abuyiselwe kuleli (extradition) ezobhekana namacala athweswe wona. 

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...