Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kukhalwa ‘ngomalume abamithisa izingane zesikole’

Kukhalwa ‘ngomalume abamithisa izingane zesikole’

by | 2 July 2025

YIMEYA yaseMshwathi uMnu Mandla Zondi nentatheli uMnu Phumlani Gama yephephandaba.


KUKHONJWA abanye bomalume abathutha izingane zezikole zaseMshwathi ngokwanda kwesibalo sabafundi abashiya isikole ngenxa yokukhulelwa.

Minyaka yonke siyakhula isibalo sabafundi abaphumayo ezikoleni zakulendawo, ngenxa yokukhulelwa. Lokhu kuvezwe yiMeya yakhona, uMnu Mandla Zondi, ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neLANGA, emuva komcimbi wokuklonyeliswa kwezintatheli namaziko ezindaba ahlukene ngokusebenzisana okuhle nomkhandlu wayo.


Lo mcimbi ubuwenzelwe eHof Hotel, khona eMshwathi ngoLwesihlanu. UZondi uthe baningi abafundi abashiya isikole kanti esikhathini esiningi kutholakala ukuthi iningi labafundi likhuleliswa ngabashayeli bezimoto eziqashelwe ukubahambisa ezikoleni

“Kuyadumaza lokhu ngoba laba bantu kulindeleke ukuthi kube yibona abavikela izingane, kodwa yibona abaphenduka izigilamkhuba eziqhoqhobala izingane.

“Sinxusa abazali ukuthi bahlale ngokubheka ukuthi izingane zabo ziyafika yini ezikoleni ngoba kuyabonakala ukuthi imikhuba eminingi igilwa ngesikhathi sokufunda,” kuchaza uZondi.


Uthe enye inkinga ekhona kule ndawo, wukwanda komkhuba wokusetshenziswa kwezidakamizwa.

“Kunabantu abaziwayo ukuthi bathengisa izidakamizwa, futhi bazithengisela izingane zesikole. Akulungile lokho ngoba kuwukubulala imfundo yezingane zethu. Ngikhuthaza imiphakathi nabezinhlaka zezokuphepha ukuba basukume, kuliwe nalesi sihlava.

“Abantu abagila lo mkhuba kufanele babikwe ezinhlakeni ezifanele ukuze bezobhekana nokushushiswa, bagwetshwe ngokubulala ikusasa lezingane,” esho.

Phakathi kwabahlonishwe yilo mkhandlu, kubalwa iphephandaba ILANGA noNkz Nonhlakanipho Shinga obeyintatheli yalo, kodwa osezokhulumela uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi

Ezisematheni

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

AMAQEMBU angenele ukhetho loHulumeni baseKhaya, olungomhla ka-4 kuLwezi (November), asayine imigomo yokuzibophezela ekutheni azokwenza ukhetho lube ngolukhululekile, futhi lungabi nazihibe. Abesayina eMidrand, eGauteng, namuhla ngoLwesithathu. USihlalo we-Electoral...