Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uhulumeni ugqugquzela ukuba abantu bahlolele iHIV, bese bedla imishanguzo

Uhulumeni ugqugquzela ukuba abantu bahlolele iHIV, bese bedla imishanguzo

by | 12 December 2024

BHEKI NDLOVANA

KUGQUGQUZELWA ukuba abantu basazi isimo sempilo yabo ngokuba bahlolele isandulela ngculaza, bese kuthi labo asebesulelekile badle imishwanguzo futhi bangayiyeki.


UMnu Paul Mashatile oyiSekela likaMengameli wezwe ugqugquzele abantu baseNingizumu Afrika ngesikhathi ekhuluma emcimbini wosuku lwengculazi olugujwa umhlaba wonke, olubizwa ngokuthi yiWorld Aids Day.
Lo mcimbi kazwelonke ubuwenzelwe eSisa Dukashe Stadium, eMdantshane, e-East London, e-Eastern Cape izolo ngeSonto.
UMashatile uthi eNingizimu Afrika lisephezulu kakhulu izinga labantu abanesandulela ngculazi. Uthe eNingizimu Afrika cishe bawu-8 million abantu abaphila nesandulela ngculazi.
Uthi iHIV idlange kakhulu kubantu abasebancane, ikakhulukazi amantombazane asesigabeni sokukhula (adolescent stage) aneminyaka yobudala ephakathi kuka-15 no-24. Uthi masonto onke kutholakala izingane zamantombazane ezikule minyaka cishe eziwu-1300 ezisuleleka ngeleli gciwane. Uveze ukuthi izibalo zikhomba ukuthi sincane isibalo sabafana abakule minyaka abatholakala sebesuleleke ngaleli ngciwane.


“Lokhu kusho ukuthi amantombazane asengcupheni enkulu yokutheleleka ngeHIV,” kusho uMnu Mashatile.
Uqhube wathi kunezinto ezahlukene ezinomthelela ekutheni izingane zamantombazane zibe sengcupheni enkulu yokuthola iHIV. Lezo zinto uthe zibandakanya nokwakheka kwendalo kwemizimba yazo izingane zamantombazane, kanye nokuthandana nabantu abadala (ngenxa yezimo zokuxakeka empilweni).


Uqhuba wathi ukulwa nenkinga yeHIV kudinga ubambiswano, wathi akuwona umsebenzi kahulumeni kuphela. Ubale izinhlaka ezahlukene, okubalwa abamabandla, abaholi bomdabu, yizinkampani ezizimele, wosomabhizinisi, nezinye izinhlaka ezahlukene.
“Uma uma sihluleka ukulwa ne-HIV kanye ne-AIDS lokho kuyoholela ekubhidlikeni kwesizwe sethu,” kusho uMashatile.
KwaZulu-Natal umcimbi walolu suku ubuwenzelwe eMzingazi, eRichards Bay, ngaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo. Kulo mcimbi uNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli ugcizelele khona ukubaluleka kokuba abantu bahlole isimo sabo sempilo.
“…hlola impilo yakho ngaso sonke isikhathi ukuze sikwazi ukukhunjulwa njengesizukulwane esayiqeda nya iHIV/AIDS,” kusho uNtuli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...