Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-SAHRC imangalela uNgizwe ngenkulumo yakhe ‘ecwasa’ abeLGBTQIA

I-SAHRC imangalela uNgizwe ngenkulumo yakhe ‘ecwasa’ abeLGBTQIA

by | 16 June 2026

ZIZOLALWELWA ngoLwesihlanu eNkantolo eNkulu yaseGoli izethulo zabammeli beSouth African Human Rights Commission (SAHRC), emangalela uNgizwe Mchunu ngenkulumo ayenza ngonyaka ophelile, ekhwela edilika kubantu abathandana nabobulili obufana nobabo.

Lokhu kuqinisekiswe yiSAHRC, ngesitatimende esikhiphe izolo ebusuku, ithi loludaba luzokwendlalwa ezithebeni zenkantolo. Kuzokhumbuleka ukuthi uNgizwe wethula le nkulumo ethathwa njengecwasa abeLGBTQIA. Le nkulumo kaMchunu yayilandela umshado owabasematheni ezinkundleni zokuxhumana, lapho okwakushada khona abesilisa ababili ababehlobe ngemvunulo yamaZulu.

UNgizwe wabe esenikela ezinkundleni zokuxhumana washiya angalazi kulaba besilisa, wahlanganisa nabo bonke abaphila lolu hlobo lwempilo. Wafanisa isenzo salaba ababeshada nokudelela isihlalo seNdlunkulu kaZulu. Ngokwesitatimende esikhishwe yiSAHRC, abammeli bayo bazobambisana nezinye izinhlaka ezilwela amalungelo amalungu eLGBTQIA uma sebethula izethulo zabo.

“Lokhu sikwenza ngoba sikholwa wukuthi inkulumo kaNgizwe yayinokucwasa nokugcindezela amalungelo abantu. Kuwumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi wonke amalungelo ayavikeleka kuleli,” kusho isitatimende.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...