
ISIZULU sithi icala kaliboli. Kuye ngamagama enkehli kugwetshwa iminyama ewu-40 uDuane “Keffe D” Davis ngecala lokubulala enye yezingqalabutho zomculo weRap, uTupac Shakur.
UTupac wadutshulwa wabulawa ngo-1996, esigamekweni lapho kuvele khona ukuthi uDavis, owayengumholi weqembu lezigebengu (gang) elaziwa ngeCrips, wayekhokhisa isibhongo ngokushaywa komshana wakhe yithimba likaTupac. Eminyakeni edlule, uDavis ubehlale ekloloda, waze wabhala nasencwadini ekhuluma ngempilo yakhe ukuthi nguyena owaba ngungqondongqondo ekubulaweni kukaTupac.
Ukuqulwa kwaleli cala kusheshile njengoba liqale ukuqulwa ngoNcwaba (August) walo nyaka, icala umgwetshwa lamlahla kuyona le nyanga. Likhipha isigwebo ngoLwesibili iJaji uCarli Kierny, lithe uDavis akakhombisanga ukuzisola ngesenzo sakhe.
“Awukwazi ukuthi ungavuma ukuthi wabulala umuntu, bese uthi sewadlula kulokhu, futhi usungumuntu oshintshile. Ubulungiswa abusebenzi kanjalo. Wathatha impilo yendoda eyayinabantu abathembele kuyona eyayibondla, ngakho kumele ujeze ngesenzo sakho,” kusho ijaji.
Ngesikhathi sokubulawa kukaTupac (eneminyaka ewu-25) yayishisa phansi impi yombango wamagenge eMelika, phakathi kweEast Coast (Crip) neWest Coast (Mob Piru Bloods) eyayiyaniswa nalo mrepha. Kuze kube manje, belingakaze liveze igama lomuntu okunguyena owadubula, kodwa uDavis wayekhona emotweni eyadubula uTupac, futhi nguyena owanika umdubuli isibhamu.







