Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo Featured 9 I-TLB ifuna iBafana ikhohlwe ngekwenziwe yiGibhithe

I-TLB ifuna iBafana ikhohlwe ngekwenziwe yiGibhithe

by | 27 December 2025

UMBEKEZELI “TLB” Mbokazi uthi kuzofanele bakhohlwe ngokwenzeke emdlalweni we-Egypt, babheke umdlalo olandelayo.
IBafana iguqiswe ngo-1-0 yi-Egypt koka-group B ngoLwesihlanu. Igoli le-Egypt kube yiphenathi evalelwe enethini nguMohamed “Mo” Salah.
Nokho le phenathi isuse umsinde njengoba ibingacacile. NoSalah uzivumele ngowakhe ukuthi bekungeyona.
Akugcinanga lapho njengoba umdlali we-Egypt eke wabamba ibhola ngesandla ebhokisini labhekwa isikhathi eside yiVAR lagcina liphikwa.


“Besinethemba lokuthi unondweba uzosinika iphenathi kodwa wangasinika.Asisekho isikhathi sokukhononda manje kufanele sibhekane nomdlalo olandelayo. Kufanele senze isiqiniseko sokuthi umdlalo wethu olandelayo siyawunqoba.
Okwenzeke emdlalweni we-Egypt ngeke kusabuyela emuva, kufanele sibheke lo mdlalo ozayo ngoba umqoka,” esho.
IBafana izobhekana neZimbabwe kowokugoqa leli qoqo ngoMsombuluko ngo-18h00.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...