EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla.

Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75) ubuyele kulesi sikhundla ihlandla lesine.
Ngokwamavoti uJordaan uthole angu-157 eshaya uZungu othole angu-82. Unqoba nje bese kuke kwavela imibiko yokuthi abaseka uZungu bebesatshiswa ngisho ngokubulawa. Lezi zindaba zivezwe uyena uZungu kuleli sonto njengoba bese kubhekwe emaphethelweni alo mqhudelwano.

EMidrand lapho bekuzomenyezelwa khona owinile ngoMgqibelo, bekugadiwe ngoba kusatshelwa khona ukuthi kuzohlaselwana. Ngaphambi kwemiphumela uZungu uveze ukuthi kukhona abakhulumile kuyena ukuthi bayasatshiswa futhi kuthiwa nezifunda zabo zizohlakazwa uma beseka uZungu.
Kuleli sonto uZungu ubonge abebemeseka njengoba ethe abanye bebeze baziveze njengabantu abaseka uJordaan ukuze baphephe.






