Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

by | 12 September 2026

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla.

Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75) ubuyele kulesi sikhundla ihlandla lesine.

Ngokwamavoti uJordaan uthole angu-157 eshaya uZungu othole angu-82.  Unqoba nje bese kuke kwavela imibiko yokuthi abaseka uZungu bebesatshiswa ngisho ngokubulawa. Lezi zindaba zivezwe uyena uZungu kuleli sonto njengoba bese kubhekwe emaphethelweni alo mqhudelwano.

EMidrand lapho bekuzomenyezelwa khona owinile ngoMgqibelo, bekugadiwe ngoba kusatshelwa khona ukuthi kuzohlaselwana. Ngaphambi kwemiphumela uZungu uveze ukuthi kukhona abakhulumile kuyena ukuthi bayasatshiswa futhi kuthiwa nezifunda zabo zizohlakazwa uma beseka uZungu.

Kuleli sonto uZungu ubonge abebemeseka njengoba ethe abanye bebeze baziveze njengabantu abaseka uJordaan ukuze baphephe.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...