Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isexwayiso kwiNingizimu Afrika ngamaPalestine ewakhoselisile

Isexwayiso kwiNingizimu Afrika ngamaPalestine ewakhoselisile

by | 18 November 2025

KWEXWAYISWA iNingizimu Afrika ngobungozi engangena kubona “ngokukhoselisa” abantu basePalestine ababalelwa ku-150, okuthiwa babalekele kwelakuleli ukuzobhaca (refugees).

Kuyaliwa ePalestine njengoba impi yakhona nabakwa-Israel, seyithathe iminyaka eminingi ingapheli. La maPalestine kuthiwa akuleli ngokohlelo lokukhoselisa abantu ababaleka emazweni abo ngenxa yezimpi noma indlala.

Nokho uMnu Tim Flack, wakwaFlack Partners and Associates, uthi iNingizimu Afrika ingazithola seyisenkingeni uma yehluleka ukuchaza ukuthi la maPalestine, afike kanjani kule lizwe.

Izinhlangano eziningi ezilwela amalungelo abantu emhlabeni, ziyaweseka amaPalestine. Kuke kwaba namamashi eCape Town, izinhlangano ezilwela amalungelo abantu ziweseka.

Ihhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa, lithi lizocacisa maduze ngokuba khona kwala maPalestine kuleli.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...