Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isexwayiso kwiNingizimu Afrika ngamaPalestine ewakhoselisile

Isexwayiso kwiNingizimu Afrika ngamaPalestine ewakhoselisile

by | 18 November 2025

KWEXWAYISWA iNingizimu Afrika ngobungozi engangena kubona “ngokukhoselisa” abantu basePalestine ababalelwa ku-150, okuthiwa babalekele kwelakuleli ukuzobhaca (refugees).

Kuyaliwa ePalestine njengoba impi yakhona nabakwa-Israel, seyithathe iminyaka eminingi ingapheli. La maPalestine kuthiwa akuleli ngokohlelo lokukhoselisa abantu ababaleka emazweni abo ngenxa yezimpi noma indlala.

Nokho uMnu Tim Flack, wakwaFlack Partners and Associates, uthi iNingizimu Afrika ingazithola seyisenkingeni uma yehluleka ukuchaza ukuthi la maPalestine, afike kanjani kule lizwe.

Izinhlangano eziningi ezilwela amalungelo abantu emhlabeni, ziyaweseka amaPalestine. Kuke kwaba namamashi eCape Town, izinhlangano ezilwela amalungelo abantu ziweseka.

Ihhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa, lithi lizocacisa maduze ngokuba khona kwala maPalestine kuleli.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...