UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli.
UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo.

Uncome izintombi eziyingxenye yalo mkhosi ukuthi zenza into enhle futhi lokhu kuzogqugquzela ukuphepha kwazo ezifweni ezifana neHIV Aids ngokuzigcina kwazo.
Uqhube wathi uhulumeni waKwaZulu-Natal uzohlala uleseka usiko olugqugquzela ezempilo nokuvikela isithunzi somuntu wesifazane.
Ngokuqhubeka kwalo mkhosi, uNdunankulu uthe uyajabula ngoba usimamisa umnotho wakwaZulu-Natal uphinde uqhakambise nezokuvakasha njengoba kukhona izivakashi eziqhamuka kwamanye amazwe. Ngakwezomnotho kuhlomula nabantu bendawo njengoba kukhona nabesifazane abadayisa ngezinto ezincane eduze kwasesigodlweni njengoba kuqhubeka umcimbi.
Uphinde wanxusa ukuthi abantu bahloniphe izintombi ngokuthi bangathwebuli izithombe uma zigeza emfuleni njengoba kuqhubeka umkhosi womhlanga.
Uthe ukubanqunu kwezintombi emfuleni yinto ebiyenzeka ngisho nakudala futhi alikho ihlazo kulokho kodwa bayahlonishwa abantu besifazane







