Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ibamba lomqeqeshi lisafuna ukuyenzela lukhulu iChiefs

Ibamba lomqeqeshi lisafuna ukuyenzela lukhulu iChiefs

by | 31 January 2026

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uCedric Kaze uthi abasakwenzile kule kilabhu nozakwabo uKhalil Ben Youssef – ababambe naye isigqiki sokuqeqesha le kilabhu – kakwenele ukuthi sebenganikwa lo msebenzi ngokugcwele.
IChiefs izobhekana neZESCO United yaseZambia emlenzeni wesibili ka-group D koweCaf Confederation Cup kusasa ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.


Emzuliswaneni wokuqala obungeledlule eZambia, iChiefs inqobe ngo-1-0. UKaze ebuzwa ukuthi ngabe ugculisekile yini ngasebekwenzile ukuthi banganikwa lo msebenzi ngokugcwele njengoba bebambe kuze kuphele isizini, uthe: “Uma kungathiwa mangizihlole ngingasho ukuthi ngihamba kahle futhi kangihambi kahle. Angikawufezi umbandela okufanele engabe ngiwufezile ngoba ukube ngempela kuhamba kahle kufanele engabe sihleli esicongweni kwi-log.


Yinto yokuqala leyo ekhombisayo ukuthi angikakwenzi okufanele engabe ngikwenzile.Ikilabhu enjengeChiefs inkulu emhlabeni wonke, umqeqeshi olapha emhlabeni uyafisa ukuyiqeqesha. Nginesiqiniseko sokuthi iChiefs isithole izinkulungwane zamaCV abantu abagaqele lo msebenzi. Kodwa-ke silana, sisebenzela ikilabhu enkulu emhlabeni okuyinto enkulu kimina noKhalil. Into esifuna ukuyenza wukushiya ikilabhu isesimweni esihle, ” esho. Nokho uthi into emqoka wumdlalo wakusasa neZesco

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...