Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ibamba lomqeqeshi lisafuna ukuyenzela lukhulu iChiefs

Ibamba lomqeqeshi lisafuna ukuyenzela lukhulu iChiefs

by | 31 January 2026

UMQEQESHI weKaizer Chiefs uCedric Kaze uthi abasakwenzile kule kilabhu nozakwabo uKhalil Ben Youssef – ababambe naye isigqiki sokuqeqesha le kilabhu – kakwenele ukuthi sebenganikwa lo msebenzi ngokugcwele.
IChiefs izobhekana neZESCO United yaseZambia emlenzeni wesibili ka-group D koweCaf Confederation Cup kusasa ngeSonto ngo-15h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.


Emzuliswaneni wokuqala obungeledlule eZambia, iChiefs inqobe ngo-1-0. UKaze ebuzwa ukuthi ngabe ugculisekile yini ngasebekwenzile ukuthi banganikwa lo msebenzi ngokugcwele njengoba bebambe kuze kuphele isizini, uthe: “Uma kungathiwa mangizihlole ngingasho ukuthi ngihamba kahle futhi kangihambi kahle. Angikawufezi umbandela okufanele engabe ngiwufezile ngoba ukube ngempela kuhamba kahle kufanele engabe sihleli esicongweni kwi-log.


Yinto yokuqala leyo ekhombisayo ukuthi angikakwenzi okufanele engabe ngikwenzile.Ikilabhu enjengeChiefs inkulu emhlabeni wonke, umqeqeshi olapha emhlabeni uyafisa ukuyiqeqesha. Nginesiqiniseko sokuthi iChiefs isithole izinkulungwane zamaCV abantu abagaqele lo msebenzi. Kodwa-ke silana, sisebenzela ikilabhu enkulu emhlabeni okuyinto enkulu kimina noKhalil. Into esifuna ukuyenza wukushiya ikilabhu isesimweni esihle, ” esho. Nokho uthi into emqoka wumdlalo wakusasa neZesco

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...