Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Akeneme ngokungaxhaswa wuhulumeni ukuyokweseka iBafana

Akeneme ngokungaxhaswa wuhulumeni ukuyokweseka iBafana

by | 7 April 2026

KWEHLUKENE imibono ngesinqumo soMnyango wezoBuciko namaSiko, sokuthi ngeke uzikhokhele izindleko zabalandeli abadumile (ababizwa ngama-super fan), ukuyokweseka iBafana Bafana koweNdebe yoMhlaba yeFifa ngoNhlangulana eMexico, eCanada naseMelika. 

Lokhu kuza ngemuva kokukhalaza ezinkundleni zokuxhumana komlandeli odumile uMama Joy Chauke (osesithombeni), ngokuthi uhulumeni uthi ngeke uzikhokhele izindleko zabalandeli ukuya kulo mqhudelwano.

“Kubona bonke abathandi bebhola kuleli, masikhohlweni ngeWorld Cup. UNgqongqoshe uMnu Gayton McKenzie nomnyango wakhe, bathi ngeke basisize. Esingakwenza nje wukuthandazela ukuthi umengameli asiqokele ungqongqoshe omusha wezemidlalo ozokhombisa uthando kubalandeli,” kubhala uMama Joy. 

Eziphendulela uMcKenzie uthe: “Umnyango kawunayo ibhajethi yabalandeli kule Ndebe yoMhlaba, kanti futhi iNingizimu Afrika inenqwaba yamaSuper Fan. Nangale kwalokho, unomyeni dadewethu, makakukhokhele njengesithandwa sakhe. Amandla e-Euro aphezulu kakhulu.”

Sekukaningi abantu bekhala ngokuthi umnyango ukhetha abantu ababodwa njalo uma uhambisa abalandeli ukuyokweseka amaqembu esizwe uma eyodlala ngaphandle kwelakuleli. Abanye bathi uMama Joy usenza sengathi uhulumeni uyamkweleta, ukuthi njalo kumele ehlezi ehamba. Abanye bathi akasabonakali nasemidlalweni yePremier Soccer League (PSL) njengoBotha Msila, naye ongomunye wabalandeli abadumile. 

Ekuthatheni kwakhe izintambo njengongqongqoshe ngo-2024, uMcKenzie wathi imali umnyango obuyichitha ngabalandeli, isizosetshenziselwa ezinye izinto “ezibalulekile”. Wabalula ukuthi kunabadlali abagcina bephuthwa wukuyomela izwe emiqhudelwaneni yaphesheya, ngenxa yokweswela imali, nomnyango ungasenayo imali yokubaxhasa. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...