Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango nemizamo yokuqeda isiteleka samatekisi eThekwini

Umnyango nemizamo yokuqeda isiteleka samatekisi eThekwini

by | 3 September 2025

KUPHAZAMISEKE ukuthuthwa kwabantu KwaDabeka kusukela ngoLwesibili kuteleka inhlangano yamatekisi, ikhala ngokuthi amaphoyisa kaMasipala weTheku abophe amatekisi awu-30 okuthiwa kawanawo amaphemithi.

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal usungenelele njengoba kunesiteleka samatekisini eCleremont naKwaDabeka, eThekwini. Isiteleka siqalwe yiCleremont-KwaDabeka Taxi Association ngoLwesibili.

ISouth African National Taxi Association (Santaco), okuyinhlangano iCleremont-KwaDabeka Taxi Association engaphansi kwayo, ithi yiwona amaphoyisa adale ukuthi kube nokuphazamiseka kokuthutha abantu.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku abophe aphinde akhipha emgwaqeni amatekisi angu-30, angaphansi kweCleremont-KwaDabeka Taxi Association, ngoba ethi kawanawo amaphemithi. Abagibeli bamatekisi basale dengwane njengoba le nhlangano yamatekisi ithe akukho tekisi ezokuba semgwaqeni kusukela namhlanje.

UMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uthi uhulumeni uyangenelela ngoba ufuna isixazululo kulolu daba.

“UNgqongqoshe uMthombeni (uMnu Siboniso Duma) uhlanganisa izikhulu zamaphoyisa kaMasipala weTheku, okuyiwona abophe lezi zimoto, neSANTACO. Izimoto lezi kazikhishwanga emgwaqeni wumnyango wethu, futhi ukuboshwa kwazo akuhlangene nesehlakalo sangesonto eledlule, lapho kudutshulwe khona imoto ekhokhelwa ngabanga, ethutha abantu (i-Uber),” kusho uSibiya.


UMnu Sifiso Shangase, okhulumela iSantaco, uthi abantu mabehlise imimoya, kakukho ukuphazamiseka okuzoba khona kwezokuthutha kwezinye izingxenye zeTheku.

“Sinazo izingxoxo nomnyango wezokuthutha njengoba amalungu ethu KwaDabeka engagculisekile ngendlela udaba lwama-Uber namatekisi olusingethwe ngayo kuleya ndawo,’ kusho uShangase.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...