Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umnyango nemizamo yokuqeda isiteleka samatekisi eThekwini

Umnyango nemizamo yokuqeda isiteleka samatekisi eThekwini

by | 3 September 2025

KUPHAZAMISEKE ukuthuthwa kwabantu KwaDabeka kusukela ngoLwesibili kuteleka inhlangano yamatekisi, ikhala ngokuthi amaphoyisa kaMasipala weTheku abophe amatekisi awu-30 okuthiwa kawanawo amaphemithi.

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal usungenelele njengoba kunesiteleka samatekisini eCleremont naKwaDabeka, eThekwini. Isiteleka siqalwe yiCleremont-KwaDabeka Taxi Association ngoLwesibili.

ISouth African National Taxi Association (Santaco), okuyinhlangano iCleremont-KwaDabeka Taxi Association engaphansi kwayo, ithi yiwona amaphoyisa adale ukuthi kube nokuphazamiseka kokuthutha abantu.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku abophe aphinde akhipha emgwaqeni amatekisi angu-30, angaphansi kweCleremont-KwaDabeka Taxi Association, ngoba ethi kawanawo amaphemithi. Abagibeli bamatekisi basale dengwane njengoba le nhlangano yamatekisi ithe akukho tekisi ezokuba semgwaqeni kusukela namhlanje.

UMnu Ndabezinhle Sibiya, okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uthi uhulumeni uyangenelela ngoba ufuna isixazululo kulolu daba.

“UNgqongqoshe uMthombeni (uMnu Siboniso Duma) uhlanganisa izikhulu zamaphoyisa kaMasipala weTheku, okuyiwona abophe lezi zimoto, neSANTACO. Izimoto lezi kazikhishwanga emgwaqeni wumnyango wethu, futhi ukuboshwa kwazo akuhlangene nesehlakalo sangesonto eledlule, lapho kudutshulwe khona imoto ekhokhelwa ngabanga, ethutha abantu (i-Uber),” kusho uSibiya.


UMnu Sifiso Shangase, okhulumela iSantaco, uthi abantu mabehlise imimoya, kakukho ukuphazamiseka okuzoba khona kwezokuthutha kwezinye izingxenye zeTheku.

“Sinazo izingxoxo nomnyango wezokuthutha njengoba amalungu ethu KwaDabeka engagculisekile ngendlela udaba lwama-Uber namatekisi olusingethwe ngayo kuleya ndawo,’ kusho uShangase.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...