Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ibihanjelwe nangungqongqoshe imidlalo kamasipala waseMfolozi

Ibihanjelwe nangungqongqoshe imidlalo kamasipala waseMfolozi

by | 29 September 2025

IBIZINYAZISWE ngungqongqoshe wezeMidlalo uMntomuhle Khawula imidlalo kaMasipala waseMfolozi, eyethiwe ngeleBV Mthethwa Tournament, ukuhlonipha owayeyimeya yasoThungulu, esibizwa ngeKing Cetshwayo.

Lo mqhudelwano obungempelasonto bekungowokukhetha isikwati saseMfolozi esizokuba yingxenye yeKing Cetshwayo Mayoral Cup ezokuba mhla ka-18 eShowe. Abadlali abazokwenza lapho bazothola ithuba lokumela iKing Cetshwayo kumaSalga Games azokuba ngoZibandlela (December) eMgungundlovu.

Bekuqhudelwano kunobhutshuzwayo, ezokugijima, ibhola lo mqakiswano, iTable Tennis, iBoxing, iDance, ama-Indigenous Games, iTennis, iKarate neminye imidlalo.

Yonke lemidlalo ibibanjelwe eSiyabonga Sangweni Sports Complex, eDondotha, KwesakwaMthethwa, kanti iqale ngoLwesihlanu yasongwa ngeSonto.

UKhawula ubonge iMeeya yeseMfolozi uXolani Bhengu ngokuthi bathathe isinqumo sokuhlonipha uBV Mthethwa, amchaze njemuntu owayezithanda ezemidlalo.

“Okunye okungijabulisa kakhulu wukubona inqwaba yezemidlalo ezidlalwayo kulo mqhudelwano. Siye siyinxenxe intsha ukuba ibambe iqhaza kwezemidlalo ngoba ziyasiza. Ukuhlale unyakazisa umzimba kuyasiza ukulwa nezifo, futhi kuvulwa namathuba amaningi,” kusho uKhawula.

Abenze kahle bebehlomula ngemiklomelo yemali lapho iSantos ibe izingqwele kunobhutshuzwayo, yakhala yemuka nesamba sika-R130 000, yehlula iSporting kowamanqamu ngo-1-0. Ngokulala isibili iSporting igoduke no-R60 000 kanti nabanye bezemidlalo abanqobile bathole imiklomelo emihle.

IMeya uBhengu uthe ijabule kakhulu ngokuthi le midlalo ihambe kahle.

“Siwukhulise kakhulu lo mqhudelwano. Sifuna ukuthi iqembu elinqobile lithole imali enhle ukuze likwazi ukuthenga izidingo zekilabhu nokunye okuningi. Ngicela intsha ukuba ihambe ezinyathelweni zoThami Sangweni, uThamsanga Sangweni, uMthetheleli Mthiyane ogijima kwiStellenbosch okungeminye wabadlali onethalente eliyisimanga.

“Ngifuna ukuba intsha yazi ukuthi konke kusezandleni zayo. Siyaziqhenya ngabadlali bethu asebevelele. Sinamakilabhu ebhola lapha eKing Cetshwayo. Bengicela ukuba intsha izimisele ngoba kayazi ukuthi ngubani oyibukayo njengoba isuke idlala.

“Imidlalo ayikapheli isaqhubeka. Uma sisuka la siya kwiKing Cetshwayo Mayoral Cup bese sidlulela kumaSalga Games. Ngokuzimisela kwayo intsham, ingazibona isibizelwa emaqenjini ebhola amakhulu akuleli,” kusho uBhengu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...