Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuzokuba bomvu iTheku nge-Absa Durban 10k

Kuzokuba bomvu iTheku nge-Absa Durban 10k

by | 10 July 2025


KUZOKUBA bomvu izitaladi zeTheku ngeSonto ekuseni uma abasubathi sebekhiphana inkani kwi-Absa Run Your City Durban 10k.

Lo mjaho ohlelwe ngabakwaStillwater Sports ungenelwe ngabasubathi abawu-10 000, kanti kulindeleke ukuba uphazamise imigwaqo eminingi enkabeni yeTheku.

Umjaho uzosukela kuMasabalala Yengwa Avenue, wehle njalo uze uyongena ngoDr Pixley KaSeme Street (West Street), udlule eCity Hall, ujike ngoDorothy Nyembe (Gardiner Street) bese ungena kuSmith Street (Anton Lembede). Uzosuka lapho oyongena ngoShepstone Road, ukhuphuke uzodlula ekomkhulu lamaphoyisa esifunduzwe, lapho uzojike khona usubheke olwandle, ugudle kubhekwe eSuncoast.


Abadidiyeli balo mjaho bathi lo mjaho uzokube wehlukaniswe izigaba eziwu-7 – okuwu-Batch A kuya ku-G – kanti kuthiwa iBatch ngayinye kusuka ku-B kuya kuG inabasubathi abawu-1500 nangaphezulu. KuBatch A kukhona labo abangama-elite, nalabo okubhekwe ukuba bangase bathole imali.


Izingqwele zalo mjaho zizihlomula ngo-R30 000 kubo bobubili ubulili kanti imali ezotholwa ngabasubathi kulo mjaho seyiyonke ngu-R322 000. Umgijimi ozokephula irekhodi lakuleli kulo mjaho uzohlomula ngo-R50 000.

Irekhodi labesifazane ngu-31:12 ophethwe nguGlenrose Xaba, awenza nyakenye kuwo lo mjaho, kanti elabesilisa liphethwe ngu-27:28 Andriaan Wildschutt alenze kulo nyaka kwi-Absa Gqeberha.


Phakathi kwabasubathi okubhekwe ukuba benze kahle ngeSonto ngu-Elroy Gelant ovikela isicoco, nguKabelo Mulaudzi, nguThabang Mosiako, nguStephen Mokoka, nguGlenrose, ukubala nje abambalwa.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...