Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ibiphezulu imimoya kuhlangene abaholi bomdabu eMhlanga

Ibiphezulu imimoya kuhlangene abaholi bomdabu eMhlanga

by | 1 April 2025

NGUNGUZWE Mchunu, ongumengameli wamabhinca, ekhuluma esithangamini sabezindaba eMhlanga, ngodaba lukaMax Makhanya.
Isithombe: nguJohn Hlongwa

INTUKUTHELO ibibhalwe ebusweni kubaholi bomdabu, okungamakhosi, abaNtwana baseNdlunkulu kaZulu, amadidiyeli bamabutho, nezinduna ngesikhathi kunomhlangano wokubhunga ngokwedelelwa kweSilo, uMisuzulu kaZwelithini,ezinkundleni zokuxhumana.

Umhlangano ubungoLwesibili, eMhlanga, eThekwini. Lokhu kulandele ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana kwama-video omuntu ozibiza ngoMax Makhanya, othi ungowesizwe saKwaMakhanya, KwaSobonakhona, eMbumbulu, eshiya engalazi kwiNdlulamithii (iSilo).

Abaholi boMdabu abebekhona balibeke ngesihloko elokuthi isizwe sakwaMakhanya, yisona okufanele silungise “lo monakalo” ngoba umuntu othuka iSilo lapha uzibiza ngabo.

INduna uMnu Muzi Nyandeni, engumdidiyeli wamabutho esifundeni iZululand, ithi kuyaxaka okwenzeka egameni esizwe sakwaMakhanya ngoba ngabantu abangaconsi phansi laba eNdlunkulu kaZulu.

“Ngesikhathi iSilo uMdlokomane, iNgonyama uZwelithini kaBhekuzulu (isaphila), isibizile esigodlweni eNyokeni, yahlabisa amabutho esizwe sakwaMakhanya izinkomo ezine. Thina sazi ukuthi yisizwe esinobudlelwano obuhle neNdlunkulu lesi. Siyamangala uma sekuqhamuka umuntu ozibiza ngokuthi ungowakulesi sizwe, ecokofula iMbube, ngalolu hlobo. Lo muntu uyasho ukuthi ngobani abamthumile,” kusho uNyandeni.

UMengameli wamaBhinca, uMnu Ngizwe Mchunu, naye ovame ukuvela ezinkundleni zokuxhumana eqekevula, uziqhelelanisile nalo Max.

“Abantu bese benza ihlaya ngokuthi lo muntu owedelela iSilo ngiyamazi. INdlunkulu kufanele ibheke ukuthi konakele kuphi kuyona ngaphakathi. Kufanele ibe nochwepheshe abazoyeluleka ngezinto ezithinta ubuxhakaxhaka nobuchwepheshe ngoba, abantu basebenzisa bona manje. Kuliwa enye impi manje,” kusho uMchunu.


Abaholi ebebekhona bajube uMnu Mbongeni Makhanya, onguNdunakulu wesizwe saKwaMakhanya, ukuthi axhumane nezinhlaka zobuholi bomdabu neNdlunkulu kaZulu, kubonakale ukuthi lolu daba, oselukhuphule imimoya lungalungiswa kanjani.

Okuphawulekile kulo mhlangano nesithangami sabezindaba wukuthi uSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uSifiso Shinga, nesigungu sayo bebengekho.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...