Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zizovalwa izitolo ezithinteka ezigamekweni zokugula nokufa kwezingane

Zizovalwa izitolo ezithinteka ezigamekweni zokugula nokufa kwezingane

by | 15 November 2024

INTATHELI YELANGA

IZINQUMO esezithathwe wuhulumeni zibandakanya ukuthi zizovalwa ngokushesha zonke izitolo ezibandakanyekayo ezigamekweni zokugula nokufa kwezingane emuva kokudla imikhiqizo ethengwe kuzo.

Esinye isinqumo ngesokuthi zonke izitolo nezinye izindawo ezidayisa ukudla kumele zibhaliswe komasipala ezinsukwini ezingama-21 kusukela manje. Izitolo okuzotholakala ukuthi azibhalisiwe emuva kwalezi zinsuku zizovalwa.

Lezi zinqumo zimenyezekwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesihlanu kusihlwa ngesikhathi ethula inkulumo yesizwe mayelana nale nkinga yokugula nokufa kwezingane emuva kokudla imikhiqizo edayisa kuma-spaza shop, osekutholakale ukuthi inoshevu osetshenziswa ukubulala izilwanyana okubalwa kuzo namagundwane.

URamaphosa uveze ukuthi zingaphezulu kuka-800 izigameko ezibikiwe ezwenì, kanti izifundazwe lapho kudlange kakhulu le yiGauteng kanye neKwaZulu-Natal, bese kulandela nezinye. Uveze nokuthi zibalelwa ngaphezulu kuka-20 izingane esezishonile.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...