Ilanga News
Home 9 Featured 9 Zizovalwa izitolo ezithinteka ezigamekweni zokugula nokufa kwezingane

Zizovalwa izitolo ezithinteka ezigamekweni zokugula nokufa kwezingane

by | 15 November 2024

INTATHELI YELANGA

IZINQUMO esezithathwe wuhulumeni zibandakanya ukuthi zizovalwa ngokushesha zonke izitolo ezibandakanyekayo ezigamekweni zokugula nokufa kwezingane emuva kokudla imikhiqizo ethengwe kuzo.

Esinye isinqumo ngesokuthi zonke izitolo nezinye izindawo ezidayisa ukudla kumele zibhaliswe komasipala ezinsukwini ezingama-21 kusukela manje. Izitolo okuzotholakala ukuthi azibhalisiwe emuva kwalezi zinsuku zizovalwa.

Lezi zinqumo zimenyezekwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesihlanu kusihlwa ngesikhathi ethula inkulumo yesizwe mayelana nale nkinga yokugula nokufa kwezingane emuva kokudla imikhiqizo edayisa kuma-spaza shop, osekutholakale ukuthi inoshevu osetshenziswa ukubulala izilwanyana okubalwa kuzo namagundwane.

URamaphosa uveze ukuthi zingaphezulu kuka-800 izigameko ezibikiwe ezwenì, kanti izifundazwe lapho kudlange kakhulu le yiGauteng kanye neKwaZulu-Natal, bese kulandela nezinye. Uveze nokuthi zibalelwa ngaphezulu kuka-20 izingane esezishonile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...