
UBUMNANDI buzobuzwa eMaqaqa Lifestyle kulabo abahlala eMbumbulu namaphethelo kule mpelasonto yeDurban July njengoba kuboshelwe abaculi noDJ abanohlonze kule ndawo yobumnandi yakuleli lokishi.
NgoMgqibelo mhla ka-7 kwephezulu zizobe zibuya kule ndawo njengoba kuzobe kunomcimbi ohambisana nale mpelasonto obizwa ngeMaqaqa Exclusive Lifestyle Durban July.
Lo mcimbi kulindeleke ukuba udonse izinkumbi zabathandi bobumnandi abazobe bezojabula kule ndawo esizakhele igama ngemicimbi eyahlukene.
Phakathi kwabaculi ababoshelwe kulo mcimbi kubalwa uScotts Maphuma oke waba sematheni ngokungazwani nokushutha nabalandeli bakhe.
Lokhu kumdalele amazinyo abushelelezi nabanye abalandeli bakhe kwaze kuba uphoqeleka ukuthi axolise. Nebala ugcine ezehlisa exolisa ezinkundleni zkuxhumana waqala wakwamukela ukuthi ungusaziwayo wabantu.

Abanye ababoshelwe kulo mcimbi kubalwa uBabalwa M, Lemckrazy, Zee Nxumalo, Naledi Aphiwe, Sam Deep, Jazzworx and Thukuthela, Zeh Mgceba, We Dem Boyz, DJ Nzwiri and Menzi The Drama, DJ Oros nabanye.
Amathikithi esigama sokuqala kulo mcimbi asedayiswa aphela kanti sekuvulwe esinye isigaba kanti kunxuswa abantu basheshe bawathenge ukugwema ukuphoxeka ngosuku lomcimbi.
Amathikithi atholakala e-webtickets kusukela ngo-R80 anyuke aze afikeleke ku-R300 kuya ngesigaba osifunayo.
Indawo yaseMaqaqa ingenye yezindawo ezisemalokishini ezingaconsi phansi kubathandi bobumnandi njengoba ihlale isingatha imicimbi esezingeni. Le ndawo isike yahanjelwa ngosaziwayo abahlukene nezikhulu zikahulumeni.







