Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Isikhuni sibuya nomkhwezeli kuScotts Maphuma

Isikhuni sibuya nomkhwezeli kuScotts Maphuma

by | 7 May 2025

ABALANDELI bomculi wama-piano uScotts Maphuma bamyalele ukuba azehlise, axolise kubalandeli ngemuva kokufaka i-video yakhe enkundleni yezokuxhumana ebukeka edangele. Lapho ebebhale khona kanje kuTwitter (X): “Nkulunkulu ngiyehluleka, sekungaphezulu kwamandla. Kodwa ngiyazi kawungilahlile. Ngiyindodana yakho, ngiza kuwe,”


Kuzokhumbuleka ukuthi ezinsukwini ezedlule lo mculi ube sematheni ngesikhathi kusabalala ama-video akhe esemcimbini iCotton Fest naseCoyotes Lounge, eMbombela kepha abantu betshengisa ukungamthakaseli. Lokhu kulandela ukugxekwa ngabalandeli ngendlela aziphatha ngayo uma befuna ukushutha izithombe naye.

Engxoxweni aba nayo kwi-podcast kaL-Tido wathi akakuthandisisi ukushutha izithombe nabalandeli. Wathi abantu kumele bakuqonde ukuthi ungumuntu naye akakweleti muntu. “Ngangingafuni ukuba usaziwayo nokuduma. Ngiyathanda ukuba nesikhathi sami, angithandi ukushutha izithombe. Uma ngingafuni ukushutha kusho ukuthi angifuni,” kusho yena. Echaza nokuthi akekho ombeke esicongweni akuso njengamanje futhi akekho ongamsusa.


Ngemuva kwama video nosaziwayo uSomizi Mhlongo ube esejobelela naye wathi amaciko kumele ahloniphe abalandeli, wathi uyohlezi ekuqinisekisa ukuthi akaphambani nabo. “Abalandeli baseNingizimu Afrika bazokutshengisa ukuthi bangobani.”

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...