Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Ibizenza ozwelana nomndeni’ inkosi esolwa ngamacala okubulala

‘Ibizenza ozwelana nomndeni’ inkosi esolwa ngamacala okubulala

by | 5 August 2025

YINKOSI uSimphiwe Zuma.


KUMANGAZE umndeni kandunankulu wesizwe saKwaNxamalala, eMpendle, ukuboshwa kwenkosi yesizwe ngokufa kwakhe.

INkosi uSimphiwe Eric Zuma (56), ingaphandle ngebheyili ka-R25000,emuva kokuba iboshwe ngenyanga edlule ngoba isolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Qalokunye Zuma, owahlaselwa wabulawa emzini wakhe ngoMasingana (January) ka-2023.

UMnu Sifiso Zuma, oyindodana kamufi, uthi kwabethusa ukuboshwa kwenkosi ngoba bese kuphele isikhathi eside ihlale ibuza umndeni ukuthi namanje kakukaboshwa muntu yini ngesigameko sokubulawa kukayise. USifiso uveze ukuthi bawuzalo nenkosi.

NgoLwesine inkosi ibivele eNkantolo yeMantshi yaseHowick ngecala lokubulawa kwekhansela le-DA, uMnu Nhlalayenza Ndlovu, ongumshana wayo.

UNdlovu wahlaselwa esemzini wakhe ngoZibandlela (December) ka-2023. Ukuboshwa kwenkosi kulandela ukuboshwa kwenduna yayo uMnu Zwelithini Buthelezi.

UButhelezi ungumsolwa wesithathu ecaleni lokubulawa kwekhansela futhi ungumsolwa wokuqala ecaleni lokubulawa kukandunankulu wesizwe sakwaNxamalala. Inkosi ingumsolwa wesine ecaleni lokubulawa komshana wayo.

UNdlovu uzalwa nguNkz Gloria Zuma owuzalo nenkosi engumsolwa ecaleni lokufa kwakhe. ILANGA lithole ukuthi udaba lokuboshwa kwenkosi yesizwe seluhlukanise Phakathi isizwe.

Ekhuluma neLANGA engxoxweni ekhethekile uSifiso, uthe okubaphatha kabi wukuthi kunosopolitiki abakhulu abangene ngomkhono nesiphanga kulolu daba, ngenhloso yokweseka inkosi.

“Kunomunye nje usopolitiki omkhulu futhi ohlonishwayo owafika enkantolo, inkosi yadedelwa ngebheyili njengoba ingaphandle.

“Siwumndeni owafelwa kuyasikhathaza lokhu okwenziwa ngabanye abantu bezombusazwe abaphumela obala ngokweseka abantu abasolwa ngokubulala abaholi bomphakathi.

“Kusithokozisile ukuzwa ukuthi induna uButhelezi isiphenduke ufakazi wombuso. Siyakholelwa ekutheni wonke lawa macala azoshesha ukuphothulwa. Nasemndenini inkosi ibithumela abantu beyobuza ukuthi namanje akukaboshwa muntu.

“Izenza umuntu ozwelana nomndeni ngokufa kukandunankulu wayo, kanti iyazi ukuthi inesandla ekufeni kukababa wethu.

“Kuyethusa nokuthi nasemndenini wakwaNdlovu ibizifikela yona, izenza umuntu ozwelana nomndeni ngokubulawa kwekhansela.

“Sinethemba lokuthi izinhlaka zezomthetho zizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi lolu daba lufinyelela esiphethweni ngaphandle kokubheka isithunzi somuntu.

“Ngaphakathi enkantolo ibikhala izinyembezi zengwenya (inkosi). Thina kasikholwa wukuthi iyagula, kodwa sibona ukuthi izama ukubambezela udaba,” kuphetha uSifiso.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...