Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-NSFAS ilufakela izibuko elezitshudeni ezilaxazwa yilesi sikhwama ngonyaka wokugcina

I-NSFAS ilufakela izibuko elezitshudeni ezilaxazwa yilesi sikhwama ngonyaka wokugcina

by | 6 January 2026

BAZOKWAZI ngaphambi kokuphela kwaleli sonto ngekusasa labo loxhaso abafundi abafake izicelo zokuxhaswa ngohlelo lwesikweletu esikhwameni esixhasa abafundi iNSFAS.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu esibambile kulesi sikhwama uMnu Wassem Carrim, namuhla ngesikhathi lesi sinesigcawu nabezindaba lapho sithule khona umbiko ogcwele ngokulungela kwaso ukusingatha izitshudeni eziyoqala ukufunda kulonyaka.

Lolu hlelo lwesikweletu lwethulwa eminyakeni emibili eyedlule ngenhloso yokuxhasa izitshudeni ezingakwazi ukuthola uxhaso kwaNSFAS ngenxa yokuthi izitshudeni zinabazali abahola imali engaphezu kuka-R350 000 kodwa engaphansi kuka-R600 000.

UCarrim uthi kulonyaka batholel izicelo eziwu-12 000 kuloluhlelo.

“Ngikholwa wukuthi kumele sifundise kabanzi ngaloluhlelo ngoba lingaba wusizo olukhulu kwizitshudeni.

Okunye esikufakela izibuko nesihlela ukukwenza ngaloluhlelo wukuthi lukwazi uxhasa izitshudeni ezilaxazwa yi-NSFAS ngenxa yokuphula umthetho iN+1. (Lona wumthetho ogunyaza iNSFAS ukuba ikhokhele isitshudeni esifeyile unyaka owodwa ezifundweni zaso.) Lokhu sikwenza ngoba kusiphatha kabi ukuthi isitshudeni silahlekelwe wuxhaso sesenza unyaka wokugcina. Yikho sikufakela izibuko ukuthi izitshudeni ezibhekana nale nkinga sizifake kulolu hlelo,” kusho uCarrim.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...