Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Ubulale isoka lakhe eliyiphoyisa ngesagila’

‘Ubulale isoka lakhe eliyiphoyisa ngesagila’

by | 16 June 2025

KUBOSHWE owesifazane oneminyaka ewu-37 ngecala lokubulala isinqandamthe sakhe esiyiphoyisa kulandela ingxabano phakathi kwabo. Kubikwa ukuthi umufi oneminyaka engu-50 wehlelwe yilo mshophi engekho emsebenzini.

Kuvele ukuthi lezi zithandani bezihleli, ziphuza ndawonye endlini kamsolwa, eSlastsha, eKhwenxurha, e-Eastern Cape. Kubikwa ukuthi ingxabano isuswe wukuthi umufi utshele umsolwa ukuthi ufuna ukuhamba aye kwenye indawo.

Kubikwa ukuthi umsolwa ube eseyacasuka, wasola umufi ngokuthi uhlose ukuyobona enye intombi yakhe. Kube sekuqubuka ingxabano eholele ekutheni usolwa adonse isagila, ashaye ngaso umufi ekhanda ephindelela.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Nobuntu Gatane, uthe umsolwa uzinikele emaphoyiseni namuhla ngoMsombuluko ekuseni, wawabikela ukuthi ulwile nomufi, kwathi uma evuka ekuseni, wamthola engasanyakazi. Amaphoyisa abe esenikela endaweni yesigameko, afica umufi elele ebheke phezulu, enezingozi ekhanda, elimele nasengalweni.

UBrig Gatane uthe umsolwa ube esebekwa icala lokubulala nelokudukisa ukusebenza kwengalo yomthetho kanti uzovela maduze enkantolo. Isagila esisetshenziswe ukubulala sibe sesiyathathwa ngamaphoyisa, ngenhloso yokuyosihlola. 

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...