Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IBucs ibulindele nxazonke ubunzima e-Ivory Coast

IBucs ibulindele nxazonke ubunzima e-Ivory Coast

by | 13 December 2024

SENZO SOKHELA 

I-ORLANDO Pirates ibulindele nxazonke ubunzima engase ibhekane nabo uma isigadulisa-na neStade d’Abidjan yase-Ivory Coast emlenzeni wokuqala, koka-group C koweCaf Champions Lea-gue namuhla ngoMgqibelo ngo-18h00 kulo leliya lizwe.

IBucs iya kulo mdlalo nje, isefomini njengoba ingakaze yehlulwe kuleli qoqo – emidlalweni emibili esayigijimile. 

Thabiso Monyane of Orlando Pirates during the 2024 MTN8 final match between Orlando Pirates and Stellenbosch FC at Moses Mabhida Stadium in Durban on 05 October 2024 ©Gerhard Duraan/BackpagePix

UThabiso Monyane (osesitho-mbeni) odlala emuva kwiBucs, uthi bakuqonda kahle ukuthi izi-mbangi zabo zizosebenzisa wonke amasu ukubathikameza. 

Uthi bakulindele konke abazo-bhekana nakho kulo mdlalo. 

“Siwuqale kahle lo mqhude-lwano weCaf.  

“Sizi-misele ngokuqhubeka nomgqigqo wethu omuhle. 

“Kufanele sibhekane nomdlalo ngamunye. 

“Akulula ukudlala namakila-bhu agijima kwamanye amaligi ngoba anendlela yawo yokwenza neyokudlala. Kodwa-ke silindele noma yini, silindele bonke ubu-nzima esingase sibhekane nabo,’’ kusho uMonyane.

UMonyane ukhuluma kanjena nje, zivamile izikhalo ngamakila-bhu ase-Afrika asebenzisa ama-qhinga “agcolile” ukuphazamisa izitha, ikakhulukazi eziqhamuka eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...