Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IBucs ibulindele nxazonke ubunzima e-Ivory Coast

IBucs ibulindele nxazonke ubunzima e-Ivory Coast

by | 13 December 2024

SENZO SOKHELA 

I-ORLANDO Pirates ibulindele nxazonke ubunzima engase ibhekane nabo uma isigadulisa-na neStade d’Abidjan yase-Ivory Coast emlenzeni wokuqala, koka-group C koweCaf Champions Lea-gue namuhla ngoMgqibelo ngo-18h00 kulo leliya lizwe.

IBucs iya kulo mdlalo nje, isefomini njengoba ingakaze yehlulwe kuleli qoqo – emidlalweni emibili esayigijimile. 

Thabiso Monyane of Orlando Pirates during the 2024 MTN8 final match between Orlando Pirates and Stellenbosch FC at Moses Mabhida Stadium in Durban on 05 October 2024 ©Gerhard Duraan/BackpagePix

UThabiso Monyane (osesitho-mbeni) odlala emuva kwiBucs, uthi bakuqonda kahle ukuthi izi-mbangi zabo zizosebenzisa wonke amasu ukubathikameza. 

Uthi bakulindele konke abazo-bhekana nakho kulo mdlalo. 

“Siwuqale kahle lo mqhude-lwano weCaf.  

“Sizi-misele ngokuqhubeka nomgqigqo wethu omuhle. 

“Kufanele sibhekane nomdlalo ngamunye. 

“Akulula ukudlala namakila-bhu agijima kwamanye amaligi ngoba anendlela yawo yokwenza neyokudlala. Kodwa-ke silindele noma yini, silindele bonke ubu-nzima esingase sibhekane nabo,’’ kusho uMonyane.

UMonyane ukhuluma kanjena nje, zivamile izikhalo ngamakila-bhu ase-Afrika asebenzisa ama-qhinga “agcolile” ukuphazamisa izitha, ikakhulukazi eziqhamuka eNingizimu Afrika.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...