Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Owaxoshwa yiChiefs uthole umsebenzi kwiGallants

Owaxoshwa yiChiefs uthole umsebenzi kwiGallants

by | 25 November 2024

SENZO SOKHELA

IMARUMO Gallants iqashe umqeqeshi oxoshwe yiKaizer Chiefs esebhudubezwa ngabalandeli, uMolefi Ntseki ukuba ngusomaqhinga wayo.

Imethule namuhla ngoMsombuluko.

UNtseki uzolekelelana nethimba labaqeqeshi eliholwa nguDan Malesela.

UNtseki odabuka eBotshabelo, eFree State okuyilapho osekuzinze khona iMarumo, uthe: “Ngikulangazelele ukusebenza kanzima njengosomaqhinga wale kilabhu. Ngithanda ukudlulisa ukubonga kubalandeli, abaqeqeshi nabaphathi. Ngilapha ukuzosebenza nawo wonke umuntu ngaphandle kwenkinga ukuze le kilabhu iphumelele.”

IMarumo izobhekana neSuperSport United koweBetway Premiership ngoLwesihlanu ngo-19h30 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...