Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Owaxoshwa yiChiefs uthole umsebenzi kwiGallants

Owaxoshwa yiChiefs uthole umsebenzi kwiGallants

by | 25 November 2024

SENZO SOKHELA

IMARUMO Gallants iqashe umqeqeshi oxoshwe yiKaizer Chiefs esebhudubezwa ngabalandeli, uMolefi Ntseki ukuba ngusomaqhinga wayo.

Imethule namuhla ngoMsombuluko.

UNtseki uzolekelelana nethimba labaqeqeshi eliholwa nguDan Malesela.

UNtseki odabuka eBotshabelo, eFree State okuyilapho osekuzinze khona iMarumo, uthe: “Ngikulangazelele ukusebenza kanzima njengosomaqhinga wale kilabhu. Ngithanda ukudlulisa ukubonga kubalandeli, abaqeqeshi nabaphathi. Ngilapha ukuzosebenza nawo wonke umuntu ngaphandle kwenkinga ukuze le kilabhu iphumelele.”

IMarumo izobhekana neSuperSport United koweBetway Premiership ngoLwesihlanu ngo-19h30 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...