Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ugcwele ukuzethemba ukaputeni weSpar Proteas

Ugcwele ukuzethemba ukaputeni weSpar Proteas

by | 28 January 2026

UGCWELE ukuzethemba ukaputeni weSpar Proteas okuyiqembu lesizwe leNetball uKhanyisa Chawane ukuthi bazokwenza kahle emdlalweni ewuchungechunge ne-England yeSpar Challenge Netball Series ezoqala ngoLwesine isongwe ngoMgqibelo e-Ellis Park Arena, eGoli.

Le midlalo iProteas eyizingqwele ze-African Championships ngeyokuzihlola njengoba izilungiselela amaCommonwealth Games azoqala mhla ka-23 kuJuly asongwe mhla ka-2 ku-August eGlascow, eScotland.

ISouth Afrika izogadulisana emidlalweni emithathu ne-England Roses kanti yonke le midlalo izobhulelwa amazolo iqembu labesilisa.

UKhanyisa ekhuluma nabezindaba ngaphambi kwalo mdlalo uthe: “Siwulindele ngabomvu lo mdlalo ne-England. Ngeke ube nzima okubalulekile ukuba sizethembe singabadlali. Iqembu lethu lihle kakhulu lakhiwe ngabadlali abanesipiliyoni futhi abakulangazelele ukunqoba.

“Sike sayishaya i-England phambilini, inkinga yethu ukuthi uma siyishayile siye singakholwa kwathina. Lo mdlalo siwulungiselele ngokweqophelo eliphezulu kangingabazi ukuthi sizowunqoba.

“I-England izosisiza ukuba sikwazi ukuzibona ukuthi simiphi njengoba siya emidlalweni yamaCommonwealth Games. Okuhle ukuthi siya kulo mqhudelwano sizilungiselele kakhulu. Sike sadlala ne-Australia, iNew Zealand kuningi esikufundile kule midlalo esiphuma kuyona. Isisizile ukuba sizibone ukuthi yilaphi lapho sibuthaka khona.”

ISouth Africa ilele unombolo 5 emhlabeni ilandela e-England kube iJamaica, iNew Zealand ne-Australia ehlezi phezulu.

IProteas izokube imelwe ngabadlali ababili besifundazwe okuwuThulisile Maduna noNozipho Ntshangase.

Selilonke iqembu lesifundazwe limi kanje elizodudulana ne-England limi kanje: uKhanyisa Chawane (c), uKyla Dames, uJamie Golob, uThulisile Maduna, uKamogelo Maseko, uTarle Mathe, u-Owethu Ngubane, uRefiloe Nketsa, uNozipho Ntshangase, uNicola Smith, uRolene Streutker, uElmeré van der Berg, uTinita van Dyk, uJuanita van Tonder noSanmarie Visser.

Elabesilisa: USicelo Gamede, uShane Labuschagne, uLutendo Maiwashe, u-Edward Manyathela, uNjabulo Nekhavhambe, uRomeo Ngcaku, uLwazi Nzama, uGavin Peters, u-Eugene Sinxezi, uKwandile Sithole, uSbongakonke Vava, uVukile Zulu, uWandile Gumede, uJaun van den Heever, uSandiso Zulu, u-Itumeleng Mahanoe, uWilliam Lethoko noKatleho Rotobane.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....