
ISTELLENBOSCH Reserves ifakele ingcindezi iKaizer Chiefs Reserves ngesicoco seDStv Diski Challenge (DDC) iguqisa ngo-3-2 iRichards Bay Reserves ngoMgqibelo eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
Amagoli eStellies ashaywe nguKeenan Johannesen ngomzuzu ka-47, nguTylon Smith ngoka-60 nomkhonto ugwaze ekhaya kaSibangani Zulu ngoka-83. AweBay ashaywe nguNtlonelo Bomelo ngomzuzu ka-30 noka-38.
IStellies inqoba lo mdlalo nje, kuyiwe ekhefini ilandela emuva ngo-2-0. Le wini ifakele iChiefs ingcindezi njengoba iStellies iyigudluzile esicongweni se-log, yehlela endaweni yesibili.
Lokhu kusho ukuthi iChiefs kufanele yenze isiqiniseko sokuthi iyawunqoba umdlalo wayo neTS Galaxy Reserves kusasa ngeSonto, ngo-12h00, khona eSugar Ray Xulu, uma ifuna ukubuyela esicongweni seligi.
Kubukeka izothwala kanzima kwiGallaxy elolongwa nguBernard Parker, odlale iminyaka kuyona iChiefs. Phela iGalaxy kule midlalo emihlalu eyedlule kayikaze yehlulwe – inqobe emibili yadlala ngokulingana kwemithathu.