Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 ICarling Black label ichaza ngokulula ubudlelwano nePSL

ICarling Black label ichaza ngokulula ubudlelwano nePSL

by | 20 November 2026

Senzo Sokhela

UCACISA ngesizathu esenze belula ubudlelwano abanabo nePremier Soccer League (PSL) uKerryn Greenleaf oyiBrand Director yakwaCarling Black Label, engabaxhasi beCarling Knockout Cup esisesigabeni sama-semi final.
ICarling Black Label okuyisikhondlakhondla senkampani kabhiya wakuleli, ilule uxhaso lwayo kwiPSL ngeminyaka emihlanu.
Kuzokhumbuleka ukuthi le nkampani ingene ebholeni lakuleli ngo-2011.
Ngaleso sikhathi beyixhase umqhudelwano obudlalwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates kuphela ngaphambi kokuba uvuleleke kuwona wonke amakilabhu adlala kwiBetway Premiership.
UGreenleaf ngesikhathi evakashele emahhovisi aleli phephandaba namuhla ngoLwesihlanu njengoba eze kwi-semi final yeCarling Knockout Cup phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini kusasa ngoMgqibelo ngo-15h30, uveze isizathu esenze balula inkontileka yabo nePSL ngeminye iminyaka emihlanu.
“Ubudlelwano bethu nePSL buhle ngendlela emangalisayo kodwa okumqoka kunakho konke wukuthi wonke umuntu uyazuza ngabo.
Thina ebesikudinga wukuxhumana nabantu ngqo okuyilento iPSL esinika yona ngabalandeli bebhola.
Siyoqeda unyaka wokuqala manje kule minyaka emihlanu esiyisayinile okusho ukuthi sisazoba ndawonye eminye iminyaka emine.
Nginethemba lokuthi nayo uma iphela sizoqhubeka ngoba konke kusahamba kahle.
Esikucelayo wukuthi abantu baqhubeke nokuyeseka imidlalo yeCarling Knockout Cup ngoba ungabo kahle hle lo mqhudelwano,” kusho uGreenleaf.
Kwenye i-semi final yalo mqhudelwano kuzotholana iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs ngeSonto ngo-15h30 eLoftus Stadium, ePitoli.
Amathikithi alo mdlalo adayise aphela kungakapheli ngisho amahora angu-24 kumenyezelwe ukuthi aseyatholakala.
UGreenleaf uthi bayacela ukuthi abantu bazame ukufika ngesikhathi kuyona yomibili le midlalo ukugwema isiminyaminya.
Uthi nabaphuzayo bayacela ukuthi bangaphuzi bese beshayela, abaphuze ngokuzicabangela.

Ezisematheni

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igwebe udilikajele uSibongiseni Mkhize (39) noNkosinathi Ndlovu (41) abebengaphandle ngoshwele kodwa babulala umnikazi wepulazi eWaterfall. Iphinde yabagixabeza ngeminyaka engu-20 umuntu emunye ngokugqekeza nokutholakala nesibhamu...

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

UZOHLONISHWA ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili owayeyisekela likaMengameli uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71) oshone ngoLwesihlanu ebusuku. Ihhovisi likamengameli limemezele izinhlelo zokufihlwa kwakhe futhi umngcwabo uzoba se-Eastern Cape ngoMgqibelo. UDkt...