
UZOHLONISHWA ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili owayeyisekela likaMengameli uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71) oshone ngoLwesihlanu ebusuku. Ihhovisi likamengameli limemezele izinhlelo zokufihlwa kwakhe futhi umngcwabo uzoba se-Eastern Cape ngoMgqibelo.
UDkt Mlambo-Ngcuka odabuka eClermont, kwaZulu-Natal, waba yisekela likaMengameli lokuqala lesifazane ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi eNingizimu Afrika. Ungunkosikazi kaMnu Bulelani Ngcuka owayeyinhloko eMnyangweni wezokuShushisa kuleli. Unezingane ezinhlanu. Izindaba zokushona kwakhe zithinte abaningi njengoba ilokhu ingenile imiyalezo yendunduzo kuvezwa namagalelo akhe ebuholini bukahulumeni.
Njengoba kuqhubeka izinhlelo zomngcwabo wakhe, umndeni uhlele umkhuleko ozoba kusasa ngeSonto ekhaya eMorningside, eSandton ngehora lesibili emini. Uphinde wacela ukuthi zingabi khona iziboni ngoMsombuluko ezizofika ekhaya njengoba umatasa nehhovisi likamengameli kuhlelwa umngcwabo wakhe. Inhlangano i-African National Congress (ANC) ithe waba yilungu lesigungu esiphezulu elenza kahle laqopha nomlando ngokuba yisekela likamengameli lokuqala lesifazane ngesikhathi sikaMengameli Thabo Mbeki.
Ngesikhathi sakhe uDkt Mlambo-Ngcuka waba wuMqondisi kwi-UN Women and United Nations kusuka ngo-2013 kuya ku-2021. Ekulesi sikhundla wasungula i-HeForShe movement eyayilwela amalungelo abesifazane yathola noxhaso luqhamuka emazweni angaphandle.
Waphinde waqokwa ukuba wuShansela wase-University of Johannesburg ngo-2022.
tndlovu@ilanganes.co.za






