Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

by | 21 November 2026

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igwebe udilikajele uSibongiseni Mkhize (39) noNkosinathi Ndlovu (41) abebengaphandle ngoshwele kodwa babulala umnikazi wepulazi eWaterfall.

Iphinde yabagixabeza ngeminyaka engu-20 umuntu emunye ngokugqekeza nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Ukugwetshwa kwabo kuza emva kophenyo olunzulu lwamaphoyisa aseMhlali ngokufa kukaMnu Russell Cromhout (69). Kuthiwa ngomhlaka 25 kuNhlaba(May) ngo-2024, umngani waya kobheka uCromhout epulazini lakhe eWaterfall emva kokungamtholi ocingweni lwakhe uma emfonela. Uma efika uthe wafica endlini yakhe engekho futhi kubonakala ukuthi kugqekeziwe kwantshontshwa nempahla. Nemoto yakhe yayingekho. Udaba lwabikwa emaphoyiseni aseMhlali kwaqalwa uphenyo. Amaphoyisa athola umbiko ukuthi imoto kaCromhout ibonakale izulazula endaweni ebizwa ngokuthi isesiDumbini oThongathi.

Uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekutheni kuboshwe uSibongiseni Mkhize owatholakala nesibhamu esingekho emthethni ngomhlaka 1 kuNhlangulana (June) ngo-2024. Ngesikhathi esebanjiwe uMkhize uyena owaya khokhomba lapho belahle khona isidumbu sikaCromhout ensimini kamoba eqhele ngamakhilomitha amahlanu nasepulazini lakhe. UNdlovu naye washeshe wabanjwa waboshwa eseNtabamhlophe khona oThongathi.  Yena watholakala nemoto kamufi nezinye izimpahla ezazintshontshwe kuyena. Baqala bavela enkantolo yakwaDukuza icala labo ladluliselwa kweNkulu yaseThekwini, okuyilapho betholakale khona benecala bagwetshwa.

Ezisematheni

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

UZOHLONISHWA ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili owayeyisekela likaMengameli uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71) oshone ngoLwesihlanu ebusuku. Ihhovisi likamengameli limemezele izinhlelo zokufihlwa kwakhe futhi umngcwabo uzoba se-Eastern Cape ngoMgqibelo. UDkt...

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthi ukuphepha kwabantu bakulesi sifundazwe akuzoncengwana ngakho njengoba benomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhamba ngokukhululeka. Lokhu ukusho namhlanje kwethulwa izinhlelo zokuphepha njengoba sekungena...