Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IDumehlezi neMP Thwala kowe-SAFA ABC KZN Motsepe

IDumehlezi neMP Thwala kowe-SAFA ABC KZN Motsepe

by | 19 July 2026

KUNGENE iDumehlezi FC neMP Thwala kwiSafa ABC KZN Motsepe League ngesizini ezayo emdlalweni yokuhlunga eqale ngoLwesihlanu yasongwa namuhla ngeSonto, eMhlathuze Sports Grounds, eRichards Bay.

Igoli abanqobe ngalo abeDumehlezi libhakuziswe enethini nguVelenkosi “Sdakwa” Dlamini I-Dumehlezi FC ecijwa nguMafa “Wele” Zuma wodumo kwi-Ashley United neSummerfield Dynamos ishaye iMp Thwala FC kowamanqamu we Hollywoodbets Provincial Play Offs esongwe izolo ngeSonto eMhlathuze Sports Grounds.

UZuma ekhuluma neLANGA ubonge izikhulu zeDumehlezi FC ngokumeseka ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yokuhlunga. Uthe uzimisele ngokuthatha indlela abanqobe ngayo kwelinye izinga ngesizini ezayo.

Ezisematheni

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthi ukuphepha kwabantu bakulesi sifundazwe akuzoncengwana ngakho njengoba benomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhamba ngokukhululeka. Lokhu ukusho namhlanje kwethulwa izinhlelo zokuphepha njengoba sekungena...

I-KZN ihamba phambili emacaleni okudlwengula-Amaphoyisa

I-KZN ihamba phambili emacaleni okudlwengula-Amaphoyisa

YIZE kunemibiko yokubulawa kwabantu abahlaselwa bendawonye baqothwe ngenhlamvu, ezindaweni ezehlukene,  kodwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Firoz Cachalia uthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu zehlandla lesibili uma kuqhathaniswa nesikhathi...