Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ibhola 9 Uyashiya uRiveiro kwi-Orlando Pirates

Uyashiya uRiveiro kwi-Orlando Pirates

by | 3 April 2025

I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi kuyaphela phakathi kwayo nomqeqeshi uJose Riveiro uma kuphela le sizini ephezulu ka-2024/25.


Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yile kilabhu namuhla ngoLwesine ntambama, lo mqeqeshi utshele le kilabhu ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe nayo ephelayo ngokuphela kwesizini.


“Nakuba besingakujabulela kuthi lo mqeqeshi elule isikhathi sakhe nale kilabhu, kodwa kumele sisihloniphe isinqumo sakhe. Siyambonga ngakho konke akwenzele le kilabhu,” kusho usihlalo weBuca u-Irvin Khoza.


Le kilabhu ithe ngenxa yokuba matasa kwayo njengoba iyingxenye yemiqhudelwano emithathu, okuningi ngodaba lokuhamba kukaRiveiro izokuxoxa nabezindaba ngokuphela kwesizini. Inxuse abalandeli ukuqhubeka nokweseka lo mqeqeshi nekilabhu yonkana.

IBhakaniya lisesigabeni samaSemi-final eNedbank Cup, amaQuarter-final eCaf Champions League kanti lihubha iMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...