
I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi kuyaphela phakathi kwayo nomqeqeshi uJose Riveiro uma kuphela le sizini ephezulu ka-2024/25.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe yile kilabhu namuhla ngoLwesine ntambama, lo mqeqeshi utshele le kilabhu ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe nayo ephelayo ngokuphela kwesizini.
“Nakuba besingakujabulela kuthi lo mqeqeshi elule isikhathi sakhe nale kilabhu, kodwa kumele sisihloniphe isinqumo sakhe. Siyambonga ngakho konke akwenzele le kilabhu,” kusho usihlalo weBuca u-Irvin Khoza.
Le kilabhu ithe ngenxa yokuba matasa kwayo njengoba iyingxenye yemiqhudelwano emithathu, okuningi ngodaba lokuhamba kukaRiveiro izokuxoxa nabezindaba ngokuphela kwesizini. Inxuse abalandeli ukuqhubeka nokweseka lo mqeqeshi nekilabhu yonkana.
IBhakaniya lisesigabeni samaSemi-final eNedbank Cup, amaQuarter-final eCaf Champions League kanti lihubha iMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership.