Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IDurban City inike izimbangi ithuba lokuvala igebe esicongweni

IDurban City inike izimbangi ithuba lokuvala igebe esicongweni

by | 18 January 2025

NguSimo “Govuza” Dladla ocija iDurban City.

ILAHLE amaphuzu amqoka iDurban City ishaywa yiCasric Stars ngo-1-0 koweMotsepe Foundation Championship (MFC) izolo ngoLwesihlanu ntambama eSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga.

Igoli enqobe ngalo iCasric Stars livalelwe enethini nguLebohang Lesako ngomzuzu ka-30 umdlalo uqalile.

Ukuguqa kweCity kunike amakilabhu asembangweni ithuba elanele lokunyonyobela indawo yasesicongweni.

Komunye umdlalo, iHighbury FC ithuse abaningi iqobela ekhaya i-University of Pretoria ngo-2-0 ovuthayo izolo eGelvandale Stadium, ePort Elizabeth.

Ezisematheni

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

Izingxoxo zokubumba uhulumeni, zihlehlise ukuqokwa kwemeya yeTheku

UKUQHUBEKA kwezingxoxo zokubumba uhulumeni wenhlanganisela yamaqembu kuMasipala weTheku, kuholele ekutheni i-ANC yenze isiphakamiso sokuba ungaqhubeki umhlangano obekufungiswa kuwona amakhansela eDurban Exhibition Centre, namuhla ngoLwesibili, lapho obesekulindeleke...

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi. UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga. Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli...