Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Azokwemukelwa namuhla eMelika amaBhunu ‘abaleke’ kuleli

Azokwemukelwa namuhla eMelika amaBhunu ‘abaleke’ kuleli

by | 12 May 2025

YINGXENYE yamaBhunu ibambe ulayini wokuyongena ebhanoyini izolo ngeSonto.
Isithombe: yi-ENCA


KULINDELWE ukuba atheleke namuhla ngoMsombuluko eMelika amaBhunu awu-49 asuke kuleli ngoba ekhala ngokubulawa, ukuhlukunyezwa nokubandlululwa. 

Lokhu kulandela isimemezelo sikamengameli wakuleliya lizwe esithi amaBhunu asabela impilo yawo angabalekela ayobhaca eMelika, lapho ezofika emukelwe ngezandla ezimhlophe. 

Laba “babaleki”, okuthiwa iningi labo lingabalimi, bebehlelelwe ibhanoyi labo elikhethekile elisuke eOR Tambo International Airport izolo. Bekulindeleke ukuba bemukelwe yizikhulu zakuleliya lizwe. 

Kusuke umsindo uMengameli waseMelika uMnu Donald Trump egxeka imithetho kakuleli, okubalwa kuyona nosanda kuphasiswa, obizwa nge-Expropriation Act. Lo mthetho ugunyaza ukuthi kwezinye izikhathi uhulumeni ungakwazi ukudla umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...