Ilanga News
Home 9 Izindaba zakamuva 9 Azokwemukelwa namuhla eMelika amaBhunu ‘abaleke’ kuleli

Azokwemukelwa namuhla eMelika amaBhunu ‘abaleke’ kuleli

by | 12 May 2025

YINGXENYE yamaBhunu ibambe ulayini wokuyongena ebhanoyini izolo ngeSonto.
Isithombe: yi-ENCA


KULINDELWE ukuba atheleke namuhla ngoMsombuluko eMelika amaBhunu awu-49 asuke kuleli ngoba ekhala ngokubulawa, ukuhlukunyezwa nokubandlululwa. 

Lokhu kulandela isimemezelo sikamengameli wakuleliya lizwe esithi amaBhunu asabela impilo yawo angabalekela ayobhaca eMelika, lapho ezofika emukelwe ngezandla ezimhlophe. 

Laba “babaleki”, okuthiwa iningi labo lingabalimi, bebehlelelwe ibhanoyi labo elikhethekile elisuke eOR Tambo International Airport izolo. Bekulindeleke ukuba bemukelwe yizikhulu zakuleliya lizwe. 

Kusuke umsindo uMengameli waseMelika uMnu Donald Trump egxeka imithetho kakuleli, okubalwa kuyona nosanda kuphasiswa, obizwa nge-Expropriation Act. Lo mthetho ugunyaza ukuthi kwezinye izikhathi uhulumeni ungakwazi ukudla umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...