Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Undunankulu ujuba uphenyo ngokungalungiswa kwezikole ezikhahlahlamezekile

Undunankulu ujuba uphenyo ngokungalungiswa kwezikole ezikhahlahlamezekile

by | 14 June 2025

UZOPHENYA ngembangela yokungalungiswa kwezikole ezikhahlamezwe izinhlekelele eminyakeni edlule kulesi sifundazwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli. Lokhu ukuveze ngoLwesihlanu eyohlola umonakalo eThandukwazi Primary School KwaMashu,  eThekwini naseShayamoya Primary okuyizikole ezingaphansi kwesifunda iPinetown, eThekwini.

Lesi sikole ngesinye sezikole esipheshulwe wumoya obuhlasele esifundazweni kuleli sonto. UNtuli ushaqiswe ngukuthi isikole iThandukwazi Primary sikhahlamezeke ngonyaka ka-2022, asikaze silungiswe njengoba siphinde saphephuka kulo nyaka.

“Ngizophenya ukuthi kungani singalungiswanga isikole. Kuzomele kubekhona abaphendulayo ngalokho ngoba inhlalakahle yabantwana nemfundo yabo kufanele inakekelwe,” kusho uNtuli.

Ziwu-134 izikole ezilinyazwe iziphepho esifundazweni KwaZulu-Natal. Inhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Nkosinathi Ngcobo uthe ezinye zezingqinamba ababhekne nazo ukushoda kwezimali emnyangweni wezemfundo.

“Kubi ukufundela kwabantwana endaweni engekho esimweni esihle,” kusho uNgcobo.

Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba. UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso...

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithwe yiNkantolo yoKhetho esimangalweni sawo, ukhala ngokuthi ukhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024 lwalungenabulungiswa, futhi lungakhululekile. I-MKP iye kule nkantolo ngezinsolo zokuthi kunobugebengu obenzeka...

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

KUDUTSHULWE kwabulawa oyedwa wabalisa abayanyaniswa nesigameko sokubulawa kwamaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence. Lo mlisa ulahlwe ngelakubo ngesikhathi ethole phezulu namaphoyisa ngenganono endaweni yaseMaplazini, eNanda, ngoLwesihlanu ekuseni. Amaphoyisa...