Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Undunankulu ujuba uphenyo ngokungalungiswa kwezikole ezikhahlahlamezekile

Undunankulu ujuba uphenyo ngokungalungiswa kwezikole ezikhahlahlamezekile

by | 14 June 2025

UZOPHENYA ngembangela yokungalungiswa kwezikole ezikhahlamezwe izinhlekelele eminyakeni edlule kulesi sifundazwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli. Lokhu ukuveze ngoLwesihlanu eyohlola umonakalo eThandukwazi Primary School KwaMashu,  eThekwini naseShayamoya Primary okuyizikole ezingaphansi kwesifunda iPinetown, eThekwini.

Lesi sikole ngesinye sezikole esipheshulwe wumoya obuhlasele esifundazweni kuleli sonto. UNtuli ushaqiswe ngukuthi isikole iThandukwazi Primary sikhahlamezeke ngonyaka ka-2022, asikaze silungiswe njengoba siphinde saphephuka kulo nyaka.

“Ngizophenya ukuthi kungani singalungiswanga isikole. Kuzomele kubekhona abaphendulayo ngalokho ngoba inhlalakahle yabantwana nemfundo yabo kufanele inakekelwe,” kusho uNtuli.

Ziwu-134 izikole ezilinyazwe iziphepho esifundazweni KwaZulu-Natal. Inhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Nkosinathi Ngcobo uthe ezinye zezingqinamba ababhekne nazo ukushoda kwezimali emnyangweni wezemfundo.

“Kubi ukufundela kwabantwana endaweni engekho esimweni esihle,” kusho uNgcobo.

Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...