Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

Usihlalo we-Action SA eKZN emjahweni wesobumeya eThekwini

by | 8 August 2026

USIHLALO we-Action SA kwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango umenyezelwe yiqembu lakhe ukuthi uyena oqokwe ukuthi angenele umjaho wesikhundla sokuba yiMeya yeTheku emcimbini obusehholo lomphakathi KwaMashu namhlanje ngoMgqibelo.
UMncwango uqokwe noMnu Halalisani Ndlovu yena ozongenela esombango  wokuba yimeya yaKwaDukuza noMnu Zwe Nxumalo ozongenela esokuba yimeya yaseNewcastle.


Umsunguli we-Action SA, uMnu Herman Mashaba ukubeke kwacaca ukuthi izikhundla zobumeya bazifuna kulemi khandlu yomithathu kuphela kwaZulu-Natal.
Uthe ukwesekwa kwabo kuyona babona ukuthi abanethuba kuyona futhi bazimisele ngokwenza izinguquko.
“Esikukhathalele kunakho konke ukuletha intuthuko kubantu. Siyabonga kakhulu kuwona wonke amalungu e-Action SA aphakamise amagama alaba baholi. Ngokunjalo nabangenele ezobukhansela kumaWard abo asibeseke baphumelele. Sifuna babe ngamakhansela ama-Ward hhayi amaPR Councellor,” esho.


Uthe unethemba lokuthi abaqokiwe bazogila izimanga okhethweni.
“Sesike sawuqopha umlando ngeMeya yaseTshwane, uDkt Nasiphi Moyo. Samfaka abantu bengamazi kodwa manje akekho ongazi ngaye ngendlela asebenza ngokuzimisela ngayo,” kusho yena.


UMnu Zwakele Mncwango uthe uzoqinisa kakhulu ukuvuselela ingqalasizinda eThekwini uma ephumelela ukuba yiMeya yeTheku.
“Ubugebengu sifuna ukubuqeda nya eThekwini. Umuntu ozobe engena esikhundleni kulo mkhandlu kuzomele sazi ukuthi yini anayo khona sizokwazi ukubona uma kukhona akwenzayo okuphambana nomthetho. Noma esesebenza sizohlala sibheka ukuthi yini asenayo nokuthi kuyamvumela yini ukuthi angaba nayo,” esho.


UMncwango wake waphakamisa ukungenela umbango wesikhundla sokuba ngundunankulu wakwaZulu-Natal kodwa izinto zangahambi kahle ngokwezibalo.
Kumasipala weTheku alikho iqembu esake lawuhola ngaphandle kwe-ANC. Ukukha phezulu kwabasake baba yizimeya zeTheku, kukhona uMnu Obed Mlaba, uMnu James Nxumalo, uMnu Mxolisi Kaunda, uNkk Zandile Gumede njengoba sekuMnu Cyril Xaba manje. Bonke baqhamuka kwi-ANC.  Umehluko ngoXaba ukuthi yena uhola iTheku ngaphansi kukahulumeni wobumbano njengoba behola ngokubambisana ne-IFP neDA.


UMashaba uthe bangasebenzisana namanye amaqembu emva kokhetho lohulumeni basekhaya ngaphandle kwe-ANC neDA okuyiwona maqembu athe akawafuni.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...