
Beziphume ngobuningi bazo izintombi “nto”, ebezihambele umcimbi i-Operation Siyaya eMhlangeni,obubanjelwe eNordale Sports Ground izolo ngeSonto. Lo mcimbi wokugqugquzela izintombi ukuba ziye emhlangeni, bekade uhanjelwe uNdlunkulu uNkk Nomzamo uMaMdolomba.
Ithula inkulumo imeya yaseMtuba uMnu Mxolisi Mthethwa,ubonge izimbali zakwaMpukunyoni abeziphume ngobuningi bazo, nebezishaya ingoma kuvuke usinga kwabaningi.
“Siyabonga ngokuhambela kwenu umcimbi weNkosi noNdlunkulu wethu ngoba lomcimbi kakusiwona owethu. Siyabonga futhi nangokuqhubeka niziphathi kahle. Siyaninxusa futhi ukuthi uma sekuyiwa eMkhosini woMhlanga niphume ngobuningi benu niyosimela,” kusho uMeya uMthethwa. Umhlanga uzobanjelwa esigodlweni eMachobeni ngempelasonto ezayo.

UNdlunkulu weSilo,uKaMdolomba, obeyisihambeli sosuku kulo mcimbi,uyale izintombi ngokubaluleka kokuzigcina,ukuziphatha kahle nokuhlonipha.
“Ukuzigcina kwenu kubalulekile ukuthi kuphinde kuhambisane nenhlonipho. Uma nihlonipha,niphinde nizihloniphe nina uqobo nabantu bazonihlonipha,” kusho uNdlunkulu.
INkosi yesizwe saKwaMpukunyoni, uNtokozo Mkhwanazi bekade eyingxenye
www.ilanganews.co.za







