Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ihlomulise abaseKZN indumezulu kasomabhizinisi wodumo ebesematheni

Ihlomulise abaseKZN indumezulu kasomabhizinisi wodumo ebesematheni

by | 6 February 2025

KUHLOMULE osomabhizinisi namaciko aKwaZulu Natal ngendumezulu yezinsuku ezinhlanu yokugubha iminyaka ewu-50 edla anhlamvana uNomfundo Mcoyi.

Lo somabhizinisi ongumnikazi wenkampani yokungcwaba Icebolethu uphenduke undabuzekwayo ngeledlule ngesikhathi izicukuthwane ebezitatanyiswe zayiswa eCape Town ziyogubha naye ziveza izithombe zisemicimbini yakhe eyahlukene.

UNomfundo ugubhe ngesitayela njengoba enze imicimbi eyahlukene kulezi zinsuku okubalwa usuku lokutetemuka ngesikebhe, ipicnic, umcimbi wasebusuku onesigqi seminyaka yama-70s, inkonzo yesonto nowesidlo sakusihlwa ukubalwa nje eminye.

Yonke le micimbi ebisezindaweni ezahlukene Cape Town ibigabe ngabaculi nosaziwayo iningi labo laKwaZulu Natal kanti cishe bonke osomabhizinisi abahlomulile ngokuhlela le micimbi kube ngabalesi sifundazwe.

Phakathi kosomabhizinisi baKwaZulu Natal abadlale indima emqoka ukuhlela le ndumezulu kubalwa uNto Majozi obehlobisa futhi epheka, uClive Gumede obedidiyela, Nkosenhle Hlophe obengumxhumanisi, uZama Phakathi weSplendid Group nabanye. \

Kanti kanjalo namaciko akulesi sifundazwe akwazile ukuba yingxenye yale ndumezulu futhi nawo ahlomula njengoba phakathi kwawo kubalwa uDumi Mkokstad, Ntokozo Mbambo, Nqubeko Mbatha, DJ Happygal, Dladla Mshunqisi, DJ Bongz, DJ Tira, Dlala Thukzin, Sizwe Mdlalose nabanye kanti abaphaphathi bohlelo kube nguSiya Mhlongo noMinnie Dlamini.

UClive Gumede ekhuluma neLANGA uthe kuhlale kuyintokozo ukuba yingxenye yemicimbi kaNomfundo njengoba engumuntu owaziyo ukuthi ufunani emcimbini wakhe.

“Okuhle ngaye wukuthi uyakuvumela ukuthi ube nemibono futhi ucabange ngaphandle kwendlela ejwayelekile nokwenza imicimbi yakhe ihlale ibabazeka,” kusho yena.

Ezisematheni

Owokufika udutshulwe wafa ‘bezingela ngokungemthetho’ esiqiwini

Owokufika udutshulwe wafa ‘bezingela ngokungemthetho’ esiqiwini

KUDUTSHULWE abesilisa ababili oyedwa washona bezingela ngokungemthetho esiqiwini iKruger National Park izolo ekuseni. Kubikwa ukuthi laba bangabokufika kuleli. Kuthiwa abaqaphi basesiqiwini bebenza umsebenzi wabo njengenjwayelo, bazithela phezu kwabesilisa abathathu....

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

Lugujwa ngesikhathi esinzima usuku lwentsha nonyaka

NGUMNU Paul Mashatile oyisekela likamengameli eNingizimu Afrika. UMGUBHO woSuku lweNtsha kusasa ngoMsombuluko wenzeka ngesikhathi esinzima kubantu abasha, njengoba inqwaba yabo ibhekene nenselelo enkulu yokuswela umsebenzi. Abantu abasha abangasebenzi eNingizimu...

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

I-MTN iyakuchitha ukuthi i-data ibiza ngokweqile kuleli

NGUMNU Charles Molapisi oyisikhulu esiphezulu seMTN. INKAMPANI yezokuxhumana iMTN iyakuchitha ukuthi intengo ye-data imba eqolo eNingizimu Afrika. UMnu Charles Molapisi oyisiCEO yeMTN eNingizimu Afrika, uthi empeleni bayehlisile intengo ye-data. Wenze isibonelo...