Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Ihlomulise abaseKZN indumezulu kasomabhizinisi wodumo ebesematheni

Ihlomulise abaseKZN indumezulu kasomabhizinisi wodumo ebesematheni

by | 6 February 2025

KUHLOMULE osomabhizinisi namaciko aKwaZulu Natal ngendumezulu yezinsuku ezinhlanu yokugubha iminyaka ewu-50 edla anhlamvana uNomfundo Mcoyi.

Lo somabhizinisi ongumnikazi wenkampani yokungcwaba Icebolethu uphenduke undabuzekwayo ngeledlule ngesikhathi izicukuthwane ebezitatanyiswe zayiswa eCape Town ziyogubha naye ziveza izithombe zisemicimbini yakhe eyahlukene.

UNomfundo ugubhe ngesitayela njengoba enze imicimbi eyahlukene kulezi zinsuku okubalwa usuku lokutetemuka ngesikebhe, ipicnic, umcimbi wasebusuku onesigqi seminyaka yama-70s, inkonzo yesonto nowesidlo sakusihlwa ukubalwa nje eminye.

Yonke le micimbi ebisezindaweni ezahlukene Cape Town ibigabe ngabaculi nosaziwayo iningi labo laKwaZulu Natal kanti cishe bonke osomabhizinisi abahlomulile ngokuhlela le micimbi kube ngabalesi sifundazwe.

Phakathi kosomabhizinisi baKwaZulu Natal abadlale indima emqoka ukuhlela le ndumezulu kubalwa uNto Majozi obehlobisa futhi epheka, uClive Gumede obedidiyela, Nkosenhle Hlophe obengumxhumanisi, uZama Phakathi weSplendid Group nabanye. \

Kanti kanjalo namaciko akulesi sifundazwe akwazile ukuba yingxenye yale ndumezulu futhi nawo ahlomula njengoba phakathi kwawo kubalwa uDumi Mkokstad, Ntokozo Mbambo, Nqubeko Mbatha, DJ Happygal, Dladla Mshunqisi, DJ Bongz, DJ Tira, Dlala Thukzin, Sizwe Mdlalose nabanye kanti abaphaphathi bohlelo kube nguSiya Mhlongo noMinnie Dlamini.

UClive Gumede ekhuluma neLANGA uthe kuhlale kuyintokozo ukuba yingxenye yemicimbi kaNomfundo njengoba engumuntu owaziyo ukuthi ufunani emcimbini wakhe.

“Okuhle ngaye wukuthi uyakuvumela ukuthi ube nemibono futhi ucabange ngaphandle kwendlela ejwayelekile nokwenza imicimbi yakhe ihlale ibabazeka,” kusho yena.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...