Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuxwayiswa u-matric ‘ngokuhlinzwa kwembuzi’

Kuxwayiswa u-matric ‘ngokuhlinzwa kwembuzi’

by | 18 October 2025

NgUNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka.

KUKHUZWA abafundi bakamatikuletsheni, abavuma ukukotsheliswa ezivivinyweni zokuhlolelwa ukuphela konyaka. UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka uphawule ngalokhu, ememezela amalungiselelo okubhalwa kwezivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka, ezizoqala ngoLwesibili.

UHlomuka uthi abafundi mabaziqhelelanise nokukopela nokukotsheliswa, ngoba isijezo sokubanjwa kwemiphumela sibhekana ngqo nabafundi uma sekubanjwe izitatimende zemiphumela yabo, namagama abo agodlwe emaphephandabeni. Uveze ukuthi njengoba kunezikole ebezisoleka ngokukopela nyakenye, kulezo zikole sizoqiniswa kakhulu isandla.

“Kunezikole ezizogadwa yizikhulu zomnyango kusukela liqala iphepha, lize liphele. Asikho isikole okumele sibanjelwe imiphumela ngonyaka ozayo. Lokho kuzokwenzeka ngokuthi thina siqinise kakhulu ukugada, kungabi bikho isikole esisolwa ngokuganga,” esho.

Ungongqoshe uthi KwaZulu-Natal bawu-195 899 abafundi abazobhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Abawu-179 751 bazobhala ngokugcwele (full-time), kanti abawu-16 148 babhalisele ukubhala ngezikhathi ezithile (part-time).

Uthi lesi sibalo sabafundi abazobhala, sinyuke ngo-3% uma siqhathaniswa nesangonyaka odlule, okubhale khona abafundi abawu-190 452.

“Baningi kakhulu abantwana abazobhala. Lokho kusho ukuthi ezokuphepha kumele ziqine kakhulu ukuze ukubhalwa kwezivivinyo kuhambe kahle, kungabi bikho ukuphazamiseka kokuhanjiswa kwamaphepha, futhi izivivinyo zethu zibenokwethembeka, kungabikhona abazokwenza okungalungile ngesikhathi kubhalwa,” kusho uHlomuka.

Abazogada izivivinyo bawu-6 450, izikhungo okuzobhalelwa kuzona ziwu-1 705 ezikahulumeni, ezizimele ziwu-61. Umnyango uthi izinsiza zokubhala, zizolandwa ezikhungweni eziwu-103, amaphepha azogaywa awu- 35 192 75, njengoba kuzobhawa izifundo eziwu-113.

Utshele abezindaba ukuthi kuningi okwenziwe ukuqinisekisa ukuthi abafundi bakulungele ukubhala.

“Bekufundwa ngezimpelasonto, amaholide asebusika, nangezinye izikhathi. Sikwenze konke okusemandleni, sikholelwa wukuthi abantwana bazobhala kahle ngokwethembeka,” esho.

Uma sekuphothuliwe ukubhalwa kwamaphepha, azomakwa ngothisha abawu-7 889, njengoba izincwadi zokuqokwa kwabo ethe umnyango uzozikhipha ekupheleni kukaMfumfu (October). Ukumaka kuzoqalwa mhla ka-2 kuZibandlela (December) kuvalwe mhla ka-12, ezikhungweni eziwu-32.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...