Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzohlangana amabutho akwaZulu namasosha amaNgisi kukhunjulwa impi yaseSandlwana

Kuzohlangana amabutho akwaZulu namasosha amaNgisi kukhunjulwa impi yaseSandlwana

by | 22 January 2025

YIMEYA kaMasipala wesiFunda uMzinyathi, uMnu Petros Ngubane.
Isithombe: nguJohn Hlongwa

SIBE yimpumelelo isifundo ngempi yaseSandlwana esethulwe ngoLwesibili ntambama eShiyane, eMsinga. Besihlwelwe wuMasipala wesiFunda uMzinyathi, oholwa yiMeya uMnu Petros Ngubane.

IShiyane le kwakuyisibhedlela nesonto laba mhlophe, lapho babethola khona ukwelashwa. Le mpi yaqala eSandlwana ngaphansi kwentaba yakhona, ngomhla ka-22 kuMasingana (January) ngo-1879.

Ngalo lelo langa, amabutho kaZulu, eholwa nguMntwana uDabulamanzi kaMpande, wasebukhosini bukaZulu, awela umfula uMzinyathi, alandela amaNgisi ayesebaleka, bahlangana eShiyane, lapha uZulu ahlukwa khona.

UNgubane uthe lesi sifundo sesizokuba khona minyaka yonke ngoba sibalulekile ukufundisa ngomlando. Bewuhanjelwe yizingqwele kwezomlando, okunguDkt Vusi Shongwe, ongusomlando, yiNyosi uBuzetsheni Mdletshe, nguMtwana uThulani Zulu waseZibindini, nguMnuz uThulani Khuzwayo okunguyena oqaphe le ndawo, ngamashosha aqhamuka phesheya, iRoyal Welsh Regiment, namalungu omphakathi.

Isifundo lesi besisakwazwa bukhoma emsakazweni uKhozi FM. Namhlanje ngoLwesithathu kulindeleke amabutho kaZulu, namasosha amaNgisi abe nombukiso lapho ezokhombisa khona umphakathi ukuthi yayibambene kanjani lempi.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini kulindeleke ukuba sibe yisikhulumi esiqavile kulo mcimbi. Kugijwa iminyaka ewu-146 kwalwa le mpi. Nngaleso sikhathi AmaZulu ayephethwe yiSIlo uCetshwayo kaMpande, amabutho edidiyelwa kunguNtshingwayo kaMahole Khoza, induna yaKwaGqikazi.

Imeya iphinde yaveza ukuthi le ntaba yaseSandlwana ithathwe njengendawo engcwele, ngoba kulapho isizwe samaZulu sizokhuphukela khona siyothandaza, sicele kokhokho baso.

Kuzohlangana amabutho amaNgisi namhlanje (NgoLwesithathu) oMbutho weRoyal Welsch Regiment kumanje asefikile, evela e-United Kingdom. Umcimbi ngeke uphele namhlanje. Kusasa (NgoLwesine) lawa mabutho azoqhudelana ngebhola lezinyawo.

Imeya inxuse umphakathi ukutha ulweseke uhlelo lwalo mgubho.


UDtk uShongwe uthe le mpi yabeka isizwe samaZulu ebalazweni lomhlaba ngoba kwakungokokuqala ukuthi amaNgisi ehlulwe, ngaphandle kwase Yuropu.

YINYOSI uMnu Buzetsheni Mdletshe noDkt Vusi Shongwe.
YIngxenye yamasosha amaNgisi akuleli, ukuba yingxenye yomgubho weMpi yaseSandlwana.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...