Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzohlangana amabutho akwaZulu namasosha amaNgisi kukhunjulwa impi yaseSandlwana

Kuzohlangana amabutho akwaZulu namasosha amaNgisi kukhunjulwa impi yaseSandlwana

by | 22 January 2025

YIMEYA kaMasipala wesiFunda uMzinyathi, uMnu Petros Ngubane.
Isithombe: nguJohn Hlongwa

SIBE yimpumelelo isifundo ngempi yaseSandlwana esethulwe ngoLwesibili ntambama eShiyane, eMsinga. Besihlwelwe wuMasipala wesiFunda uMzinyathi, oholwa yiMeya uMnu Petros Ngubane.

IShiyane le kwakuyisibhedlela nesonto laba mhlophe, lapho babethola khona ukwelashwa. Le mpi yaqala eSandlwana ngaphansi kwentaba yakhona, ngomhla ka-22 kuMasingana (January) ngo-1879.

Ngalo lelo langa, amabutho kaZulu, eholwa nguMntwana uDabulamanzi kaMpande, wasebukhosini bukaZulu, awela umfula uMzinyathi, alandela amaNgisi ayesebaleka, bahlangana eShiyane, lapha uZulu ahlukwa khona.

UNgubane uthe lesi sifundo sesizokuba khona minyaka yonke ngoba sibalulekile ukufundisa ngomlando. Bewuhanjelwe yizingqwele kwezomlando, okunguDkt Vusi Shongwe, ongusomlando, yiNyosi uBuzetsheni Mdletshe, nguMtwana uThulani Zulu waseZibindini, nguMnuz uThulani Khuzwayo okunguyena oqaphe le ndawo, ngamashosha aqhamuka phesheya, iRoyal Welsh Regiment, namalungu omphakathi.

Isifundo lesi besisakwazwa bukhoma emsakazweni uKhozi FM. Namhlanje ngoLwesithathu kulindeleke amabutho kaZulu, namasosha amaNgisi abe nombukiso lapho ezokhombisa khona umphakathi ukuthi yayibambene kanjani lempi.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini kulindeleke ukuba sibe yisikhulumi esiqavile kulo mcimbi. Kugijwa iminyaka ewu-146 kwalwa le mpi. Nngaleso sikhathi AmaZulu ayephethwe yiSIlo uCetshwayo kaMpande, amabutho edidiyelwa kunguNtshingwayo kaMahole Khoza, induna yaKwaGqikazi.

Imeya iphinde yaveza ukuthi le ntaba yaseSandlwana ithathwe njengendawo engcwele, ngoba kulapho isizwe samaZulu sizokhuphukela khona siyothandaza, sicele kokhokho baso.

Kuzohlangana amabutho amaNgisi namhlanje (NgoLwesithathu) oMbutho weRoyal Welsch Regiment kumanje asefikile, evela e-United Kingdom. Umcimbi ngeke uphele namhlanje. Kusasa (NgoLwesine) lawa mabutho azoqhudelana ngebhola lezinyawo.

Imeya inxuse umphakathi ukutha ulweseke uhlelo lwalo mgubho.


UDtk uShongwe uthe le mpi yabeka isizwe samaZulu ebalazweni lomhlaba ngoba kwakungokokuqala ukuthi amaNgisi ehlulwe, ngaphandle kwase Yuropu.

YINYOSI uMnu Buzetsheni Mdletshe noDkt Vusi Shongwe.
YIngxenye yamasosha amaNgisi akuleli, ukuba yingxenye yomgubho weMpi yaseSandlwana.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...