Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ikhathaza ubukhosi eyokudunwa kwezimoto

Ikhathaza ubukhosi eyokudunwa kwezimoto

by | 20 February 2025

ISUKUMISE ubukhosi besizwe sakwaLuthuli, eMgababa eThekwini inkinga yokudunwa kwezimoto zakwezinye izindawo maqede ‘zizopholiswa’ endaweni yabo. Kubikwa ukuthi sekuphele izinyanga ezimbalwa uqalile umkhuba wokuntshontshwa kwezimoto kwezinye izindawo maqede ziphelele eMgababa.

UNdunankulu wesizwe sakwaLuthuli, uMnu Busani Luthuli utshele ILANGA ukuthi ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ubukhosi buthathe isinqumo sokuba kuqalwe uhlelo lokufakwa kwamakhamera ngenhloso yokunqanda ukubhebhetheka kwezigameko zobugebengu obahlukene okubalwa nabo obokuntshontshwa kwezimoto.

Uthi ezikhathini ezedlule bekwaziwa ukuthi uma kudunwe imoto yangena eMgababa ngeke isaphuma ngoba kulapho zishintshwa khona. Uqhube wathi uhlelo lokufakwa kwamakhamera lwenziwe ngemali yesikhwama sobukhosi esiqanjwe ngokuthi uMnini Trust. 

“Lamakhamera aqaphe ukuphuma nokungena kwezimoto eziphuma emgwaqweni onguthelawayeka uN2. Ngalolu hlelo sekubanjwe izimoto eziningi. Kuyaye kubikwe ngesigameko sokudunwa kwemoto kwenye indawo kube wukuthi nathi sibuka amakhamera ethu. Ziningi izimoto esezitholakele. Amakhamera aqopha konke ngemoto ngisho nomshayeli osuke ephakathi. Lamakhamera axhunywe ndawonye nalawo asemapulazini abelungu nawo awusizo olukhulu. Ziningi izigilamkhuba esezibanjiwe ngenxa yakho ukuqashwa kwemigwaqo. Emihlanganweni yomphakathi sikhuthaza izakhamizi ukuba zingene ezinkundleni ze-WhatsApp lapho khona kubikwa ngakho konke okwenzekayo,” kusho uLuthuli.

Uqhube wathi ngalesi sikhwama kusizakala abantu abaningi bakulesi sizwe. “Okunye engifisa ukuba ngikhulume ngakho wuhlelo esisalusebenza okuklaywa kwemingcele ezindaweni zasemakhaya. Ngalolu hlelo kuzovuleka amathuba emisebenzi amanigi njengoba kuzoqeqeshwa amaphoyisa ezinduna nomabhalane bazo basebenze ngokugcwele ngalo. Lapha sifisa ukusebenzisa uhlelo olufanayo nolusentshenziswa yibhodi eliklama imingcele yamawadi omasipala kuleli.”

Ngalesi sikhwama sobukhosi sibeke phambili izinhlelo zokusiza intsha ngasohlangothini lwezemfundo, ezemidlalo nokuthutukiswa kwamakhono ahlukene. Umphakathi siwufakele uhlelo lwamanzi ngokufaka izigayo. Bakhona nesibasiza ngokwenza izifundo zezincwadi zokushayela izimoto,” kuphetha uLuthuli.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...