Ilanga News
Home 9 Featured 9 UButhelezi ukhala ngoMnisi nenkampani yabameli kwiNgonyama Trust

UButhelezi ukhala ngoMnisi nenkampani yabameli kwiNgonyama Trust

by | 28 December 2024

UMfu Thulasizwe Buthelezi uzwakalise ukukhathazeka ngokuvumbuka kukaMnu Jacob Mnisi noNkz Rejoice Tembe owaziwa ngelikaGogo ezindabeni ezithinta Ingonyama Trust.

Esitatimendeni asikhiphile ngokuhoxiswa kwegama lakhe esikhundleni sokuba nguNdunankulu kaZulu uMfu Buthelezi uthe kuyakhathaza ukungenelela kukaMnisi nenkampani yabameli iVan Rensburg Kruger Rakwena Attorneys yaseMpumalanga.

Uveze ukuthi wafunda emithonjeni yabezindaba ngokuqokwa kukaMnu Stephen Rakwena wale nkampani yabameli okuvela ukuthi waqokwa iSilo ukuba abhekelele izindaba ezithinta Ingonyama Trust.

UMfu Buthelezi uthe iSilo kasimazisanga ngokuqokwa kwale kukaRakwena nale nkampani yaseWitbank eMpumalanga.

Uthe ukuba khona kukaMnisi nale nkampani ukwengamela izindaba zomhlaba wakwaZulu akwehli kahle futhi kunomthelela omubi ngekusasa leNgonyama Trust.

Ukuvezile ukuthi uma nebala iSilo sesisithalile isinqumo sokumhoxisa esikhundleni uyasibonga ngethuba nokusebenzela isizwe samaZulu.

Ube esesifisela ukubusa okuhle futhi siqhubeke nokukhula ngamandla.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...