Ilanga News
Home 9 Featured 9 UButhelezi ukhala ngoMnisi nenkampani yabameli kwiNgonyama Trust

UButhelezi ukhala ngoMnisi nenkampani yabameli kwiNgonyama Trust

by | 28 December 2024

UMfu Thulasizwe Buthelezi uzwakalise ukukhathazeka ngokuvumbuka kukaMnu Jacob Mnisi noNkz Rejoice Tembe owaziwa ngelikaGogo ezindabeni ezithinta Ingonyama Trust.

Esitatimendeni asikhiphile ngokuhoxiswa kwegama lakhe esikhundleni sokuba nguNdunankulu kaZulu uMfu Buthelezi uthe kuyakhathaza ukungenelela kukaMnisi nenkampani yabameli iVan Rensburg Kruger Rakwena Attorneys yaseMpumalanga.

Uveze ukuthi wafunda emithonjeni yabezindaba ngokuqokwa kukaMnu Stephen Rakwena wale nkampani yabameli okuvela ukuthi waqokwa iSilo ukuba abhekelele izindaba ezithinta Ingonyama Trust.

UMfu Buthelezi uthe iSilo kasimazisanga ngokuqokwa kwale kukaRakwena nale nkampani yaseWitbank eMpumalanga.

Uthe ukuba khona kukaMnisi nale nkampani ukwengamela izindaba zomhlaba wakwaZulu akwehli kahle futhi kunomthelela omubi ngekusasa leNgonyama Trust.

Ukuvezile ukuthi uma nebala iSilo sesisithalile isinqumo sokumhoxisa esikhundleni uyasibonga ngethuba nokusebenzela isizwe samaZulu.

Ube esesifisela ukubusa okuhle futhi siqhubeke nokukhula ngamandla.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...