Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inhloko entsha yoMnyango Wokuhlaliswa kwaBantu

Inhloko entsha yoMnyango Wokuhlaliswa kwaBantu

by | 21 February 2025

WETHULWE njengeNhloko yoMnyango wokuHlaliswa kwaBantu, lowo owayeyimeneja kumasipala iRay Nkonyeni nowaphunyukwa yiqatha lokuba yimeneja yedolobha iTheku.

NgoMsombuluko uMnu Siboniso Duma onguNgqongqoshe kulo mnyango wethule uMnu Max Mbili, njengenhloko yomnyango wathi unethemba lokuthi uzokwazi ukuhlanganisa zonke izinhlaka ezahlukene kulo mnyango zibe yimbumba.


“Ukuzama ukuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukuxazulula izinkinga ezikhona emiphakathini sesiqoke uMbili njengenhloko yomnyango. Okuhle ukuthi ukuqokwa kwakhe kwakumelwe nayikomiti elisebenza ngaphansi kwalo mnyango. UMbili unesipiliyoni esimangalisayo kuhulumeni kanti uke wasebenza njengeChief Director-Corporate Services kuwona lo mnyango, waphinde wasebenza njengemeneja kumasipala iRay Nkonyeni,” kusho uDuma.

Uthe ngaphansi kweso lakhe uMbili umasipala iRay Nkonyeni wenze kahle, waze wathola umbiko ongenagcobho njengabanye bomasipala abanemali ephethwe kahle, kanti wake waqokwa nanjengomeneja owenza kahle kakhulu esifundazweni.


“Ubambe iqhaza elikhulu ekwakhiweni kwezindlu ezingaphezulu kuka-4000 kulo masipala waphinde wanobudlelwano obuhle noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu,” kusho uDuma.


UMbili uthembise ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuthi kwenzeke umsebenzi okumele wenziwe yihhovisi lakhe kuphinde kube nokusebenza ngokubambisana nazo zonke izinhlaka ezifanele. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...