Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inhloko entsha yoMnyango Wokuhlaliswa kwaBantu

Inhloko entsha yoMnyango Wokuhlaliswa kwaBantu

by | 21 February 2025

WETHULWE njengeNhloko yoMnyango wokuHlaliswa kwaBantu, lowo owayeyimeneja kumasipala iRay Nkonyeni nowaphunyukwa yiqatha lokuba yimeneja yedolobha iTheku.

NgoMsombuluko uMnu Siboniso Duma onguNgqongqoshe kulo mnyango wethule uMnu Max Mbili, njengenhloko yomnyango wathi unethemba lokuthi uzokwazi ukuhlanganisa zonke izinhlaka ezahlukene kulo mnyango zibe yimbumba.


“Ukuzama ukuqinisekisa ukuthi siyakwazi ukuxazulula izinkinga ezikhona emiphakathini sesiqoke uMbili njengenhloko yomnyango. Okuhle ukuthi ukuqokwa kwakhe kwakumelwe nayikomiti elisebenza ngaphansi kwalo mnyango. UMbili unesipiliyoni esimangalisayo kuhulumeni kanti uke wasebenza njengeChief Director-Corporate Services kuwona lo mnyango, waphinde wasebenza njengemeneja kumasipala iRay Nkonyeni,” kusho uDuma.

Uthe ngaphansi kweso lakhe uMbili umasipala iRay Nkonyeni wenze kahle, waze wathola umbiko ongenagcobho njengabanye bomasipala abanemali ephethwe kahle, kanti wake waqokwa nanjengomeneja owenza kahle kakhulu esifundazweni.


“Ubambe iqhaza elikhulu ekwakhiweni kwezindlu ezingaphezulu kuka-4000 kulo masipala waphinde wanobudlelwano obuhle noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu,” kusho uDuma.


UMbili uthembise ukuthi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuthi kwenzeke umsebenzi okumele wenziwe yihhovisi lakhe kuphinde kube nokusebenza ngokubambisana nazo zonke izinhlaka ezifanele. nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...